African Storybook
Menu
Umfana owayengathandwa muntu
Phumy Zikode
Wiehan de Jager
isiZulu
Emandulo, kwakukhona umfana owayemubi. Wayengathandwa muntu, ngisho nabazali bakhe imbala.

Nasekhaya lakubo, wayezihlalela yedwa endlini yakhe uma umndeni ubukela umabonakude.
Esikoleni wawumthola ehlezi yedwa ngesikhathi ezinye izingane zidlala ngaphandle.
Uma kulandwa izinkomo, wayehamba yedwa emuva. Abanye abafana babengafuni ukuhambisana naye.
Ngelinye ilanga, wahamba waya lapho ayengazi khona. Wahamba waze wafika kwelikhulu ihlathi.

Waqala ukwesaba kodwa waziduduza ngokuthi vele akukho muntu ozomkhulumisa.
Wathi esezongena ehlathini, kwaqhamuka isalukazi esingcolile futhi esibi. Sambingelela sambuza ukuthi ufunani ehlathini elisabeka kangaka. 

Umfanyana kwammangaza ukubona ekhulunyiswa isalukazi. Wasixoxela ukuthi uya lapho engazi khona ngoba akathandwa muntu.
Isalukazi sathi, "Ngabe uyafuna ngikusize?" Waphendula ngokushesha umfana wathi, "Yebo gogo."

Isalukazi sathi, "Ngaphambi kokuba ngikusize, ngifuna ungikhothe la ebusweni ngize ngibe muhle."
Umfanyana wacabanga ukuthi akhothe ubhici lwesalukazi ukuze asizakale.

Waqala wasikhotha izimbici saze saba sihle.
Sabonga isalukazi sathi kumfana, "Uyabona-ke, hamba ungene kuleli hlathi. Uma ufika phakathi uzobona izinto eziningi ezinhle, kodwa ungathathi lutho, uthathe impande kuphela uyilethe kumina."
Wagijima umfana esejahe ukubona ukuthi yini azoyifica ehlathini.

Engakangeni phakathi, sammemeza isalukazi sathi, "Mfana wami, ungizwe kahle nje ukuthi ngithe uzofica izinto eziningi ezinhle kodwa ungathathi lutho, uthathe impande kuphela uze nayo la?" Wavuma umfana. Wathi uyezwa.
Uthe esethi uyangena ehlathini wezwa isalukazi simemeza sithi, "Mfana, woza la!" Waqala ukudideka umfana ukuthi ngabe isalukazi simbizelani manje.

Waphindela emuva. Isalukazi sathi, "Mfana wami, sengathi awungizwa kahle. Ngithi uzobona izinto eziningi ezinhle kodwa ungathathi lutho, uthathe impande kuphela uze nayo la."
Sambiza futhi, "Mfana wami angikwethembi, sengathi ngeke uyenze into engikutshele yona. Ngithe uzobona izinto eziningi ezinhle, kodwa ungathathi lutho, uthathe impande kuphela uyilethe kumina."

Umfana waqala ukucikeka ukulokhu ebizwa. Wagijima kakhulu waze wangena phakathi ehlathini.
Uthe angangena wabona isitsha esigcwele imali, wasidumela wafaka imali emakhukhwini.

Manjalo, wacabanga ukuthi isalukazi sithe angathathi lutho. Wayikhipha ngokushesha imali wayiphindisela esitsheni.
Wathi qala qala wabona izingubo ezinhle ezintsha. Wakhumula akugqokile wagqoka izingubo ezintsha.

Wakhumbula amazwi esalukazi, wazikhumula ngokushesha.
Waphinda waqalaza wabona impande eyabe isibunile ishiswe yilanga. Wazibuza ukuthi, "Ngabe lesalukazi besithi ngithathe into enje, ngizoyenzani mina impande?"

Eduze kwempande kwakukhona isitsha esinokudla okunuka kamnandi. Umfana wabe eselambile. Akakwazanga ukuzibamba. Wakudla ukudla.
Uthe eseqedile wakhumbula amazwi esalukazi ukuthi sithe athathe impande kuphela. Wathi uyayiqalaza impande, lutho.
Waphindela emuva edumele, ukuyotshela isalukazi ngento emehlele. Akabange esasifica lapho ayesishiye khona.
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umfana owayengathandwa muntu
Author - Phumy Zikode
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs
© African Storybook Initiative 2015
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org
Menu
  • Navigate

    Navigate through the story by swiping right or left or clicking when the cursors changes to an arrow on the right or the left edge of the screen.

    Tap or click on the centre of the page to see, or remove the menu bars at the top and the bottom of the screen. You can also use the ESC key.

    You can use the slider at the bottom as a way to move quickly through the story. On a mobile device tap on the slider before you drag the slider button.

    Click or tap to return to African Storybook.

  • Share
    If you have a Twitter or Facebook account, you can share this story on your page or a page you manage. You can also copy the web link (URL) for this story.
    • Twitter
    • Facebook
    • Url
  • Rate
    Other visitors rated this story

    Tell us how much you liked the story – drag the scroller to highlight one or more stars
    • Submit
  • Comment
    Read other people’s comments on the story, or add your own.
    • Enter your comment
    • Name
    • E-mail
    • Post
  • Translations and adaptations
    • Musankwa watakali kuyandwa amuntu
      ChiTonga (Translation)
    • Munyamata wamene sanali kukondedwa
      CiNyanja (Translation)
    • The boy who nobody loved
      English (Translation)
    • Picture story 15
      English (Adaptation)
    • Le Garçon Que Personne N’Aimait
      French (Translation)
    • Umulumendo Uo Abantu Baashatemenwe
      IciBemba (Translation)
    • Inkwenkwana eyayingathandwa mntu
      isiXhosa (Translation)
    • Mvulana aliyechukiwa na wote
      Kiswahili (Translation)
    • Umusooleli abe isi buli muundu akhakana ta
      Lumasaaba (Translation)
    • Edia Lope Aminae
      Ng’aturkana (Translation)
    • Omusiani Owa Buli Omundu Yaloba
      Oluwanga (Translation)
    • O Menino De Que Ninguém Gostava
      Portuguese (Translation)
    • Mosimane yo o neng a sa ratiwe ke batho
      Setswana (Translation)
    • Mushimani Yanasalatwi Ki Mutu
      SiLozi (Translation)
    • El niño al que nadie amaba
      Spanish (Translation)
  • Download to read
    Landscape version
  • Download to print
    Portrait (booklet) version
  • Download EPUB