African Storybook
Menu
Sibala amaKhabishi (Faka imibala)
Lindiwe Hlatshwayo
Magriet Brink
isiZulu
Umama K bekavuna amakhabishi iviki lonke engadini yakhe esizwa uDoobie, Maya noDuksie. ngoMgqibelo ekuseni abantwana bazosiza ngokubala baphinde bapake amakhabishi emabhokisini khona ubaba K azoyowathengisa emakethe.Itekisi yashiya abantwana esangweni lengadi, babona inqumbi yamakhabishi eduze kweloli endala kababa uK
itekisi yashiya abantwana esangweni lengadi, babona inqumbi yamakhabishi eduze kweloli endala kababa uK. "Habe amakhabishi angaka!" kusho u Maya ewakhomba. "ngathi inkulungwane yamakhabishi lapho!" kuhleka uDuksie."Hayikhona! amakhulu amabili" kuphikisa uDoobie.
Umama K Ulinde esangweni." Sanibonani nonke, ngiyajabula ukunibona!" ebingelela abantwana. "Manje asambeni siyosebenza kuzodingeka nibale amakhabishi bese niwafaka emabhokisini, abe ishumi nambili ebhokisini ngalinye nginamabhokisi angamashumi amabili. Ababili benu bazopaka amabhokisi ayisikhombisa ngamunye bese oyedwa apake ayisithupha.
Abantwana bazungeza inqumbi yamakhabishi, bakhuluma ngezindlela ezihlukile zokubala amakhabishi." Ngicabanga ukuthi ngizobala awami ngamabili" kusho uMaya. "Ngithanda ukubala ngamane kuyashesha."Ngizobala ngamathathu ukuze ngihluke nje." esho esukuma uDoobie.
Ngokushesha abantwana bawangcwalisa amabhokisi angamashumi amabili."Good work!" kubabaza umamaK." Bhekani laphaya kunamakhabishi asele, izingulube zami ziyawathanda amakhabishi asiwabele zona," ebeka umbono. "Nipakishe amakhabishi amangakhi emabhokisini? kwasala amangakhi?" ebuza abantwana.
Umsebenzi olandelayo ukubhala ibhokisi ngalinye ukuthi lizobiza malini bese sisiza ubaba K ukuwalayisha elolini yakhe. kumele babeke ingxenye yamabhokisi kwelinye icala nengxenye kwelinye, ukuze umthwalo ulingane.
"Sesiyaqeda!" kusho ubaba K. "Akesibone, mangakhi amabhokisi okusamele siwalayishe kungxenye ngayinye ukuze kulingane.
Ngokushesha wonke amabhokisi angamashumi amabili abe eselayishiwe elolini.ubaba K wafudumesa iloli wasuka eqonde emakethe."Uma ngingathengisa wonke amabhokisi,"ezicabangela,"Ngingaba nemali eyanele ukulungisa indawo yengulube ngikhone nokumangaza abantwana."
Epulazini umama K nabantwana bayanisela basuse namacembe. Ngehora leshumi nambili base bekhathele bonke umama K wabatshela ukuthi "sekuyisikhathi sokunithokozisa. Ningaqagela ukuthi ngizoniphani namuhla?
Wangena ngaphakathi ukuyolanda isispho sabo.Abantwana bamlinda ngokubekezela ukuthi abuye besaqagelakuthi angaphatha ini.Uma eza ngendlela iphinifa lakhe labe liqumbile
Asibone kuthi niqagele kahle nah!Kukhonani ekwenu namuhlanje?Mama wavula iskwama sephinifa kwawa inqumbi yama apula aphuzi etafuleni."bengiqinisile kumemeza oDuksie.Mama K wabakhumbuza ngemithetho yokuthi babelane kahle.Kungabiko ozothola okukhulu noma okuncane kunabanye.
Okuqala abantwana babala ama apula ngabili.Babala 2,4,6,8,10,12,14,16 kwase kusala iapula elilodwa,esewonke bekungama apula angu 17.
okulandelayo,babelena ama apula ngokulingana.Kwasala ama apula amabili.Abantwana bawabeka ezikwameni zabo ukuya nawo ekhaya.Bathole amangakhi ngamunye?
"Asisike ama apula amabili kuze sihlukaniselane"Kusho oDuksie."umuntu uzothola izingcezu ezingkakhi?" kubuza uMaya.Ngiyayazi impendulo!kumoyizela uDoobie.
Ngaleso sikathi wafika uBaba K ekhaya ebuya emakethe.Iloli alinalutho ubaba K uyamooizela.Ngithengise wonke amakabishi.Manje ngizokhona ukulungisa indawo yezi ngulube bese ngikuthengela ibhola lezinyawo obolidinga.halala!bamemeza abantwana
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Sibala amaKhabishi (Faka imibala)
Author - Penny Smith
Translation - Lindiwe Hlatshwayo
Illustration - Magriet Brink
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs
© African Storybook Initiative 2016
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org
Menu
  • Navigate

    Navigate through the story by swiping right or left or clicking when the cursors changes to an arrow on the right or the left edge of the screen.

    Tap or click on the centre of the page to see, or remove the menu bars at the top and the bottom of the screen. You can also use the ESC key.

    You can use the slider at the bottom as a way to move quickly through the story. On a mobile device tap on the slider before you drag the slider button.

    Click or tap to return to African Storybook.

  • Share
    If you have a Twitter or Facebook account, you can share this story on your page or a page you manage. You can also copy the web link (URL) for this story.
    • Twitter
    • Facebook
    • Url
  • Rate
    Other visitors rated this story

    Tell us how much you liked the story – drag the scroller to highlight one or more stars
    • Submit
  • Comment
    Read other people’s comments on the story, or add your own.
    • Enter your comment
    • Name
    • E-mail
    • Post
  • Translations and adaptations
    • Ons tel koolkoppe
      Afrikaans (Translation)
    • Ons tel koolkoppe (Colour-in)
      Afrikaans (Translation)
    • Kuwelenga Kabici
      CiNyanja (Translation)
    • Counting cabbages
      English (Original)
    • Counting cabbages (Colour-in)
      English (Adaptation)
    • Picture story 17
      English (Adaptation)
    • Compter les choux (à colorier)
      French (Translation)
    • Ukupeenda bakabici
      IciBemba (Translation)
    • Ukubala amakhabitjhi
      isiNdebele (Translation)
    • Mangaphi amakhaphetshu?
      isiXhosa (Translation)
    • Siyakwazi ukubala
      isiZulu (Translation)
    • Dagǝl-la kamu baramabe-a
      Kanuri (Translation)
    • Kubara amashu
      Kinyarwanda (Translation)
    • Kuhesabu Kabichi
      Kiswahili (Translation)
    • Kuhesabu kabichi (Paka rangi)
      Kiswahili (Adaptation)
    • Okubala emboga
      Luganda (Translation)
    • Okubala Kapiki (Colour-in)
      Lusoga (Translation)
    • Kut̯ala Kaḅeji
      Pokomo (Translation)
    • Kubala Imboga
      Rufumbira (Translation)
    • Go bala dikhabetšhe
      Sepedi (Translation)
    • Ho bala dikhabetjhe
      Sesotho (South Africa) (Translation)
    • Go bala dikhabetšhe
      Setswana (Translation)
    • Kubalwa kwemakhabishi
      Siswati (Translation)
    • Vha vhala khavhishi
      Tshivenḓa (Translation)
    • Ku hlayela tikhavichi
      Xitsonga (Translation)
    • Ku hlayela tikhavichi
      Xitsonga (Translation)
  • Download to read
    Landscape version
  • Download to print
    Portrait (booklet) version
  • Download EPUB