Wohe, ngebhodwe lami!
Pumla Mdontswa
Brian Wambi
isiZulu


UNontando unabafowabo abayisithupha.
Abazali bakhe sebemuphe ibhojwana.
Ulikhonzile leli bhodwe.
Ulikhonzile leli bhodwe.
Nakhu ngelinye ilanga abafowabo sebeliphula leli bhodwe.
Wakhathazeka. Akaliboni ibhodwe, uyacinga akalitholi. Wakhala, wakhala.
Nanguya ephuma ekhaya. Nanguya ecaca isihlahla eside.
Baphuma abazali bakhe beyomfuna, bamthola.
"Sicela wehle lapho," kusho abazali bakhe.
"Sicela wehle lapho," kusho abazali bakhe.
Nabafowabo bayamncenga, bayamculela, "Sicela wehle lapho."
Kodwa uNontando wahlekisa ngeculo labafowabo, akangabanaka.
Emva kwabafowabo, kwafika umngane kaNontando.
Naye wacula lona lelo culo, "Ngicela wehle lapho."
Naye wacula lona lelo culo, "Ngicela wehle lapho."
Umngane wakhe wacula waze wehla uNontando esihlahleni.
Abangani bahamba bephindela ekhaya.
Wonke umuntu ekhaya wajabula ukuthi uNontando ubuyile.
UNontando wathola ibhodwe elisha!
UNontando wathola ibhodwe elisha!
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Wohe, ngebhodwe lami!
Author - Ritah Katetemera and Mulongo Bukheye
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Brian Wambi
Language - isiZulu
Level - First sentences
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Brian Wambi
Language - isiZulu
Level - First sentences
© African Storybook Initiative 2016
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org

