Umoya
Margaret Nokuthula Zondi
Marion Drew
isiZulu


Umoya uyavunguza. Uvunguza udlula ekhaya.
Umoya unamandla. Uphephula ikhayithi esandleni sami.
Ngiyalijaha ikhayithi lami. Umoya ungiphephulela kude nekhayithi lami.
Umoya uphenduka isivunguvungu. Sithatha ikhayithi lami kudekude phezulu.
Isivunguvungu siyangigwinya! Angisaboni lutho. Angithinti lutho.
Liphi ikhayithi lami manje? Mhlawumbe ligaxele esihlahleni.
Mhlawumbe ikhayithi lami lisandiza phezulu esibhakabhakeni.
Umoya ugcina wehlile. Ngisaphendu-phenduka.
Lapho ngiyeka ukuphendu-phenduka ngiqalaza yonke indawo. Ushonephi umoya?
Angilibonindawo ikhayithi lami. Umoya angisawuzwa nhlobo.
Mhlawumbe ngizolithola kusasa ikhayithi lami. Manje, kufanele ngiye ekhaya, ngaphambi kokuba umoya uqale futhi ukuvunguza.
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umoya
Author - Ursula Nafula
Translation - Margaret Nokuthula Zondi
Illustration - Marion Drew
Language - isiZulu
Level - First sentences
Translation - Margaret Nokuthula Zondi
Illustration - Marion Drew
Language - isiZulu
Level - First sentences
© African Storybook Initiative 2015
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org
Creative Commons: Attribution 4.0
Source www.africanstorybook.org

