Indlovu eyayithanda izinto
Judith Baker
Wiehan de Jager

Siyazi ukuthi indlovu inomboko omude.

1

Emandulo umboko wendlovu wawumfishane. Wawubukeka kabi.

2

Kwazalwa inkonyane eyayithanda izinto. Yayihlala inombuzo ngezinye izilwane.

3

Yahlangana nendlulamithi. "Kungani  unentamo ende?"

4

Ngakusasa yahlangana nobhejane. "Kungani unophondo olucijile?"

5

Yaphinde yahlangana nemvubu. "Kungani unamehlo abomvu?"

6

Ngoba yayithanda izinto, yafuna ukwazi ngengwenya. Ngabe ingwenya idlani ngesidlo sakusihlwa?

7

"Ungalokothi ubuze umbuzo onjalo!" kusho umama wayo. Yahamba inyukubele.

8

Ngokushesha igwababa landizela phansi, lahlala eduze kwendlovu. Lathi, "Ngilandele siye emfuleni, uzobona-ke ukuthi ingwenya idlani kusihlwa."

9

Nangempela indlovu yalandela igwababa.

10

Indlovu yazimpintsha yangena emhlangeni yama osebeni lomfula. Iphi ingwenya pho?

11

"Sawubona," kusho itshe ngasosebeni lomfula. "Yebo," kuphendula indlovu. "Ungangitshela ukuthi ingwenya idlani ngesidlo sakusihlwa?"

12

"Lalela-ke, goba ngizokutshela," kuphendula itshe. "Goba futhi, futhi," kuqhubeka itshe. Nangempela indlovu yehlela phansi."

13

"Ngqi!" Ikhala layo lase lise mhlathini wengwenya. "Helele! Izodla wena ingwenya ngesidlo sakusihlwa!" kutswininiza igwababa.

14

Indlovu yazabalaza ngemilenze yayo yangemuva eqinile, yadonsa, yadonsa, yadonsa. Ingwenya ayizange iyidedele.

15

Ikhala lendlovu ladonseka, ladonseka, ladonseka. Dalakaxa! Yawa yashayeka ngomhlane odakeni.

16

Tshobe ingwenya emanzini. "Ngaze ngaphuthelwa ukudla okumnandi!"

17

Indlovu yabheka umboko wayo. "Maye! Ikhala lami leli, elide kangaka?"

18

Lalilide kangangoba lalikwazi ukufinyelela emagatsheni aphezulu esihlahleni.

19

Indlovu kwayisiza lokhu. Yayisikwazi ukuzigeza umhlane wayo ngamanzi uma ilanga lishisa.

20

Kusukela ngalelo langa, zonke izindlovu zinemiboko emide elusizo kuzona.

21
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Indlovu eyayithanda izinto
Author - Judith Baker, Lorato Trok
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First sentences