Asikwazi ukudlala ndawonye
African Storybook
Simon Mokoena
Uthisha uTshezi nekilasi lakhe bakhuluma ngobhubhane lwekhovidi.
-
Uthi, “Ngifuna ukuzwa ukuthi nisichithe kanjani isikhathi nisekhaya. Ngabe nonke nikwazile ukwenza umsebenzi wesikole ngesikhathi izikole zivaliwe?”
1
UDudu waphendula kuqala, “Kumina ukufunda ekhaya bekunzima ngoba abazali bami bayasebenza futhi bengisala ngedwa ekhaya,” uyasho.
-
“Nami bekufanele ngizenzele ngingedwa umsebenzi wesikole,” kusho uMsizi.
2
Uyaqhubeka, “Bengingenaye umuntu ongangisiza, ngingenaye nongichazela imibuzo nemiyalelo.”
-
Abafundi abaningi bayavuma.
-
“Ukusebenzisa i-inthanethi bekunzima ngoba idatha iyabiza,” kusho uDudu.
-
Abafundi bayavuma futhi.
3
U-Ayanda uthi, “Ekhaya bekunomsindo kakhulu ngingakwazi ukufunda.”
-
“Ngijabule kakhulu uma sitshelwa ukuthi sesingabuyela esikoleni,” kusho uFaiza.
-
“Wonke umuntu ubejabule!” kuhleka uMsizi.
4
“Bengingafuni izikole zivulwe,” kukhononda u-Ayanda.
-
“Emva kokubuyela esikoleni ngicabange ukuthi izinto zizobuyela esimeni sazo esijwayelekile, kodwa yonke into ibisishintshile!” kuqhubeka u-Amahle.
5
“Kumele singasondelani, sifake izifonyo, futhi sisebenzise nesibulala magciwane sezandla,” kukhalaza u-Isaac.
-
“Othisha bahlale besibuza njalo, uyakhwehlela, unomphimbo obuhlungu?” kusho u-Ayanda.
6
UKagiso uhlikihla izandla zakhe wase ethi, “Ngaso sonke isikhathi uma uphendula ngokubhala ebhodini, bakunika isibulala magciwane sezandla.”
-
“Kufanele njalo sihlale siphethe ibhodlelana elinesibulala magciwane sezandla phakathi,” ukhuluma ngokukhathazeka.
7
“Lapha esikoleni ngesikhathi sekhefu, akusafani nakuqala lapho besiba ndawonye sidlale umdlalo owodwa,” kusho uMsizi.
-
U-Ayanda uthi, “Kunzima kakhulu ngoba besijwayele ukudlala nabangani bethu.”
8
U-Amahle uthi, “Thina njengezingane, siyabathanda abangani futhi siyathanda ukuhlale sinabangani bethu.”
-
“Kodwa manje asisakwazi ukudlala nabangani bethu,” kusho uDudu.
-
“Manje kumele singasondelani,” kusho u-Isaac.
9
Uthisha uTshezi uthi, “Kuningi kakhulu okushintshile.”
-
Kodwa akekho umuntu oyedwa kulokhu.
-
“Noma ngabe asikwazi ukudlala ndawonye okwamanje, singakwazi ukwabelana ngemicabango nemizwa yethu,” uyaqhubeka.
10

Imibuzo


  1. Ubuzizwa unjani ngokuhlala ekhaya ngesikhathi somvalelandlini? Sicela uchaze.
  2. Thola amagama endabeni aphikisa lawa: kuthule, dabukile, izimpendulo, lula.
  3. Thola amagama endabeni anomqondo ofanayo nowalawa: iyabiza, abafundi, thokozile, oshomi.
11


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona.
-
Vakashela i-RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title: Asikwazi ukudlala ndawonye
Author/s: African Storybook
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator