Ixoxo lisinda ekufeni
Selolo Nare Joyce
Rob Owen
Kudala, kwakukhona ixoxo elalihlala emfuleni i-Olifants River.
-
Ngelinye ilanga izulu lina wathi uXoxo ezibhukudela, wezwa efikelwa yindlala.
-
Yathi imvula inganqamuka, uXoxo wabona iqule lezimpukane bude buduze nalapho wayebhukuda khona.
1
“Ngizosishaya sibe bomvu ngalezi zimpukane,” kucabanga uXoxo.
-
Wagxumela ngaphandle komfula waqonda kuzona.
2
Kusenjalo kwaqhamuka uNwabu wama phambi kwakhe uXoxo.
-
“Yindawo yami le kanti futhi ukudla kwami lokhu!” kusho uNwabu efutheka.
-
UNwabu washo waqala ukushintsha umbala ngenxa yentukuthelo.
3
UXoxo wagxuma wama le kude.
-
Wagaqazela wangena ehlathini, ezama ukuziqinisa emva kokwethuswa uNwabu.
4
Kwathi esazama ukwehlisa umoya, kwaqhamuka uMpisi ebabela umlilo eshisa ihlathi.
-
UXoxo wethuka kakhulu ebona umlilo.
5
Wagxuma wama emhlabathini wacasha ngaphansi kwamaqabunga amakhulu.
-
Wakwazi ukucasha ngaphansi kwala maqabunga kodwa wayesakuzwa ukushisa komlilo eduze kwakhe.
6
UXoxo wavele wavala amehlo akhe ngenxa yokwesaba. Wagxumela phezulu futhi kude.
-
Waye wathi gxumbu emanzini ebuyela emfuleni.
7
Kusenjalo wabona uFudu eziphumulele egatsheni lomuthi. Wabhukuda waqonda kuye.
-
“Sawubona weXoxo, ngabe belunjani usuku lwakho?” kubuza uFudu.
-
“Hhayi belukahle ngiziphumulele nje,” kumoyizela uXoxo.
8
Your attribution should include the following:
Title: Ixoxo lisinda ekufeni
Author/s: Selolo Nare Joyce
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Rob Owen
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator