Igeja lalilifishane.
Umnyango wakhe wawumncane, ehluleka ukungena endlini.
Umbhede wakhe wawumfishane.
Ibhayisikili nalo lilifishane.
Le ndoda yayiyinde bo!
Wenza igeja elide.
Wenza umnyango omude.
Wenza umbhede omude.
Wathenga ibhayisikili elide.
Wahlala esihlalweni esiphezulu. Wadla ngemfologo ende.
Washiya umuzi wakhe, wayohlala endle iminyaka.