U-Azizi unoNodoli
Lawrence A. Konjuro
Natalie Propa

Lona ngu - Azizi unodoli wami.

1

Ngiyamthanda u-Azizi ngoba uhlale emamatheka.

2

Uma ngivuka ekuseni ngiwasha ubuso bami. Bese ngibheka u-Azizi.

3

Uma sengimtholile u-Azizi ngimukama izinwele zakhe ngebhulashi lakhe.

4

Uma ngidla isidlo sasekuseni ngiyamufunza u-Azizi.

5

Uma ngidla uswidi ngiyamupha naye U-Azizi owodwa.

6

Kodwa u-Azizi akawudli uswidi wakhe. Kuyangimangaza ukuthi kungani engawudli uswidi!

7

Ngiye ngihambe uma ngikha izimbali ngizungeze inkompolo.

8

U-Azizi ngiye ngimuphe imbali. Kodwa akakaze athi,
"Ngiyabonga."

9

Ngiyamugeza u-Azizi ahlanzeke ngaphambi kokuba umama angigeze.

10

Ngiyamugqokisa izingubo ezibomvu ngoba uyawuthanda umbala obomvu.

11

Uma sengiyolala u-Azizi ngimulalisa eduze kwami.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
U-Azizi unoNodoli
Author - Lawrence A. Konjuro
Translation - Thulile Gumede
Illustration - Natalie Propa
Language - isiZulu
Level - First sentences