Isibindi sikaPhumelele
Zandile Malaza
Simon Mokoena
UPhumelele kwakuyintombazanyana eyayiphuma emndenini ohluphekayo.
-
Wayehlala nomndeni wakhe endaweni eyayibizwa ngokuthi kukwaCelani.
-
Wawumunye vo umgwaqo okwakuhanjwa kuwo uma ungena noma uphuma kwaCelani.
1
Eduze nalo mgwaqo kwakukhona isihlahla.
-
Kwakukhona inyoka enkulu eyayihlala kulesi sihlahla.
-
Abantu babedlula kulesi sihlahla uma beya ekliniki, ezitolo noma esikoleni.
2
Kwakuthi le nyoka uma izwa izigi zabantu bedlula, idilike esihlahleni ime emgwaqweni.
-
Yayenza abantu basabe ukudlula kulesi sihlahla.
-
Izakhamuzi zakule ndawo zazama ukuyibamba, kodwa, zahluleka.
3
Akekho noyedwa owake wakwazi ukuyinqoba le nyoka.
-
Inkosi yendawo yathembisa ukuthi lowo oyokwazi ukuyibamba uyozuza umklomelo.
-
Ngokwenqubo yakule ndawo, amadoda kuphela ayevunyelwe ukubamba iqhaza kule nselelo.
4
Izinsizwa, amadoda aseqinile, namakhehla amadala, bonke bahluleka ukuyibamba.
-
Baze bazama nokusebenzisana ngamaqembu.
-
Kodwa baphinda bahluleka.
-
Kwaqhubeka nokuba yingozi ukungena nokuphuma kwaCelani.
5
UPhumelele waya enkosini wafika wathi, “Ngicela ungivumele ngibambe iqhaza kule nselelo.”
-
Abantu bamhleka ngoba bebona ukuthi ungumuntu wesifazane. “Mhlawumbe uyadlala,” babesho.
-
Inkosi yacabanga ngesicelo sikaPhumelele.
6
Ekugcineni inkosi yacabanga yathi, “Amadoda akule ndawo asehlulekile ukubamba le nyoka. Ngeke salahlekelwa yilutho ngokuvumela owesifazane azame.”
-
Yanikeza uPhumelele ithuba. Nakuba kunjalo, inkosi yayingakholwa ukuthi wayengase aphumelele ukwenza osekwehlule amadoda.
7
UPhumelele wayenesu elinobuhlakani.
-
Weluka ubhasikidi omkhulu.
-
Wawufaka izintambo zokudonsa ukuze uvaleke.
-
Wawuthwala ekhanda waqonda khona esihlahleni senyoka.
8
Njengokwejwayelekile inyoka yezwa izigi. Yazilungisela ukudilika esihlahleni izovimba endleleni.
-
UPhumelele wayesemi ngomumo elinde ukuthi idilike esihlahleni!
-
“Namhla kunamuhla,” washo ecabanga esesondela esihlahleni.
9
Yathi iyadilika esihlahleni inyoka, yaziphonsa kubhasikidi owelukiwe.
-
UPhumelele wadonsa izintambo ngokushesha wavala ubhasikidi. Yavaleleka phakathi inyoka.
10
UPhumelele wawuthwala ubhasikidi onenyoka phakathi waqonda esigodlweni senkosi.
-
Bonke abantu babememeza bemhalalisela ngesikhathi engena esigodlweni senkosi.
-
“Uhlakaniphile futhi unesibindi uPhumelele. Kufanele inkosi igcine isethembiso sayo,” kwakusho abantu.
11
Inkosi yaklomelisa uPhumelele ngokumnika indawo enkulu enesibaya esigcwele izinkomo.
-
Wabekwa waba yinduna yendawo yakwaCelani. Abantu babeya kuye uma befuna iziyalo.
-
Inyoka yathathwa yahanjiswa epaki okugcinwa kulo izinyoka. Izakhamuzi zakule ndawo zakwazi ukuhamba ngokukhululeka.
12
Your attribution should include the following:
Title: Isibindi sikaPhumelele
Author/s: Zandile Malaza
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator