Inkosi yezimfene
Bonsamo Miesso
Isaac Okwir

Emandulo kwakukhona imfene enkulu, eyayilandelwa umhlambi wezimfene,ingundlovu kayiphikiswa!

1

Kulomhlambi zazikhona ezinye imfene ezinkulu kodwa zazingaqondi ukuba kumele zilalele umthetho kabani.

2

Ezinye izimfene zathi,"Kumele ube nomehluko nkosi, udinga uphawu ukuze sibe nesiqiniseko sokuthi nguwe ze silandele kahle umyalelo wakho."

3

"Kulungile ngizofaka umnqwazo ekhanda,lokho okusho ukuthi kuzomele nilandele yonke imiyalelo yami." kusho inkosi uMfene,zonke izimfene zavuma.

4

Enye imfene enkulu yamfaka umnqwazo lowo ekhanda. Inkosi uMfene wathi,"kusukela namuhla nizolalela umthetho wami. Nizokwenza konke engikushoyo ngenhlonipho."

5

Ngokunjalo,kwakuthi uma inkosi igxuma zigxume zonke izimfene,uma inkosi ihlala phansi nazo zihlale, uma imemeza nazo zimemeze.

6

Ngokuhamba kwezinsuku waqina umnqwazo ekhanda lenkosi uMfene.

7

Ngolunye usuku inkosi yahlala phansi yabambela ekhanda yathi,"Lomnqwazo uyangilimaza."

8

Zonke izimfene zahlala phansi,zabeka izandla ekhanda zathi,"Lomnqwazo uyangilimaza."

9

Inkosi yathi, "Ngiqinisile."Nazo zathi,"Ngiqinisile." Inkosi yathi,"Buyangibulala lobuhlungu."Nazo zathi, "Buyangibulala lobuhlungu."

10

Kusenjalo inkosi yawa phansi. Nazo zayilingisela inkosi zawa phansi. Yazabalaza nazo zazabalaza.

11

Nakuba zazilimele kabi ezinye izimfene kodwa inkosi yafela khona lapho.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inkosi yezimfene
Author - Bonsamo Miesso, Elizabeth Laird
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Isaac Okwir
Language - isiZulu
Level - First paragraphs