Kwakunesomiso esikhulu ezweni.
Inkawu yasuka ekhaya iyofuna amanzi nokudla.
Yahamba idlula izintaba nezigodi.
Yafika endaweni eyayaziwa ngokuthi kuseThembeni.
UNkawana wayithanda le ndawo yaseThembeni.
Wanethezeka, wadla izithelo wakhuluphala.
Noma kwakumnandi lapha, wayekhumbula abangane bakhe.
Ngakho-ke uNkawana wathatha uhambo olude ephindela ekhaya.
Zajabula ezinye izinkawu ekhaya uma zimbona uNkawana.
"Sitshele, ikuphi le ndawo enezithelo okhuluma ngayo?" kubuza ezinye izinkawu.
"Ngizonisa khona," kusho uNkawana.
Nazo lezi ezinye izinkawu zayithanda le ndawo yaseThembeni.
Zanquma ukuhlala lapho unomphela.
Izinkawu zaseThembeni zakhathazeka ngalesi sinqumo soNkawana.
"Lezi zinkawu zizodla zonke izithelo zethu," zisho ngokukhathazeka.
Izinkawu zaseThembeni zahlasela izinkawu zokufika, oNkawana.
Omunye omdala eqenjini loNkawana wathi, "Kungani nilwa? Izithelo ziningi zizosanela sonke."
Kwakuyiqiniso, zaziziningi izithelo.
Ngakho-ke, zonke izinkawu zanquma ukuhlala ndawonye ngokuthula.