Ivila elingu-Anansi
Ghanaian folktale
Wiehan de Jager

U-Anansi isicabucabu esivilaphayo.

1

Uyakuthanda ukudla, kodwa uyavilapha ukukupheka.

2

Nangu esevakashela uGwajo, usecela unogwaja ukuba amuphe imifino yakhe.

3

"Kulungile ngizokupha. Ngisize ngokugoqoza."

Kodwa u-Anansi uyavilapha.

4

"Ngisathi shelele, ngizobuye ngibuye," kusho u-Anansi.

5

U-Anansi athandele ulwembu emlenzeni wakhe, nasebhodweni likaGwajo.

6

"Ubodonsa ulwembu uma imifino seyilungile," kusho u-Anansi.

Adlulele ezinkawini.

7

"We zinkawu, ngicela ningiphe ubhontshisi wenu?" kucela u-Anansi.

"Kulungile. Sisize ukuqoba."

8

"Ngiyabuya," esho ethandela obunye ulwembu, edlulela kuNdlovudawana.

9

"Ndlovudawana, ngicela ukuzwa amazambane akho?"

"Kulungile. Ngisize siwalungise."

10

"Ngizobuya," esho ethandela obunye ulwembu.

11

Ngokushesha, yilowo nalowo mlenze ka-Anansi wabe uthandeleke ebhodweni.

12

Khona manjalo, u-Anansi wezwa ukudonseka emlenzeni wesibili. Kwaba kowesithathu.

13

Yonke imilenze eyisishiyagalombili yadonseka.

"Musani ukudonsa!" kukhala u-Anansi.

14

Akekho owezwa ukukhala kuka-Anansi. Ulwembu banqamuka ngabunye ngabunye.

15

Imilenze ka-Anansi yadonseka, yadonseka.

Kungakho nje zonke izicabucabu zinemilenze emide eyondile.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ivila elingu-Anansi
Author - Ghanaian folktale
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First sentences