UMpisi noNogwaja babe ngabangane.
UNogwaja wayenembongolo kanye nendishana ebomvu.
Uma uNogwaja edinga indishi enkulu, wayeboleka indishi kaMpisi eluhlaza sasibhakabhaka.
UMpisi wayedinga ukuwasha izingubo zakhe kule ndishi yakhe.
UMpisi waya kuNogwaja wathi, "Ngidinga indishi yami enkulu phela manje."
Aphendule uNogwaja, "Indishi yakho inomntwana," uMpisi wazidumela zombili izindishi, wahamba.
Ngelinye ilanga, uNogwaja waboleka indishi kaMpisi futhi.
Uma uMpisi eyolanda indishi yakhe, uNogwaja wamtshela izindaba ezimbi.
"Indishi yakho ifile," kusho uNogwaja. UMpisi akazikholwanga lezi zindaba.
UMpisi wamema ezinye izilwane ezinkulu ukuba zizoyizwisa le ndaba, kutholakale iqiniso.
UNogwaja wayichaza-ke indaba, "Phela izinto eziphilayo eziphinde zizale, ziyafa futhi."
Izilwane zavumelana noNogwaja. UMpisi walahlekelwa kanjalo yindishi yakhe, ithathwe nguNogwaja.