UXoxo noNyoka ngabangane.
Sekuzwakala uXoxo ethi kuNyoka, "Woza uhambe nami siyovakashela umama wami."
Waphendula uNyoka, "Ngiyabonga, kodwa amakhaya ethu azobhekwa ngubani?"
UNkawu wathi, "Ngizowabheka mina amakhaya enu."
UXoxo wafakela umama wakhe izintuthwane ezimhlophe esikhwameni.
UXoxo noNyoka bahamba ekuseni ngovivi. Bangena ehlathini.
Bahlangana neqembu lezilwanyana zasendle eziwumndeni wamagundwane. UNyoka ufikelwa ukwesaba.
UXoxo wavikela umngane wakhe uNyoka kulezi lwanyana.
Basebelambe kakhulu ngesikhathi befika ekhaya.
Bageza balungela ukudla.
"Nyoka mngane wami, hlala kahle, uqonde," kusho uXoxo.
UNyoka wazama ukuhlala njengoXoxo, wehluleka. Phela akalona ixoxo.
"Angikwazi ukuhlala njengexoxo," kuchaza uNyoka.
Kodwa uXoxo akazange afune ukuzwa nokuqonda loko.
"Awungizwa ukuthi ngithini, ngiphindela ekhaya lami-ke."
UNyoka, ngokucasuka wathi, "Bengicabanga ukuthi uXoxo ngumngani wami."