Mzukwana ibhasi lifika emva kwesikhathi
Mecelin Kakoro
Mango Tree

Kanye ngosuku, ibhasi elikhulu eliluhlaza sasibhakabhaka liza emphakathini wakubo kaZwelakhe ukugibeza abantu ukuya edolobheni. UZwelakhe akakaze alibone ibhasi elikhulu ngale ndlela!

Ubale wathola amafasitela aseduze nabagibeli ayisishiyagalolunye Kanye nefasitela eduze nomshayeli. "Kusho ukuthi kunemigqa yezihlalo zabagibeli eyi-9 umugqa nomugqa ube nezihlalo eziyi-6," kusho uZwelakhe ezicabangela nje. Uma imicabango kaZwelakhe iyiqiniso, ibhasi elikhulu eliluhlaza lingathwala abagibeli abangaki?

1

Kusasa, uZwelakhe nomama wakhe bazogibela ibhasi ukuya edolobheni ukuthengela uZwelakhe umfaniswano omusha wesikole.

Umama kaZwelakhe ufuye izinkukhu zamaqanda. Uthengisa idazini lamaqanda ngamarandi ayi-15. Emavikini amaningi wenza amarandi angama-450. Kufanele athengise amadazini amangaki ukuze athole la Marandi angama-450. Emavikini amane adlule, wonge uhhafu wemali ayenzile khona ezokhokhela umfaniswano kaZwelakhe omusha.

Ungakwazi ukuthola ukuthi umama kaZwelakhe wonge malini emavikini amane?

2

Sekuphele cishe izinyanga ezintathu uZwelakhe agcina ukuhamba ngebhasi! Akasakwazi ukulinda! Kusasa ilanga elikhulu.

Ngehora lesikhombisa, uselele, kodwa do, ukufika ubuthongo. Ingqondo yakhe ikude le uyathatha uyabeka. Uloku ecabanga ngohambo lwabo lokuya edolobheni. Isikhathi manje ligamenxe ihora lesishiyagalolunye ebusuku, ubhekile uZwelakhe, lutho ukufika ubuthongo.

3

Njalo ekuseni, umama kaZwelakhe uyamvusa ngehora lesikhombisa. Kodwa namhlanje, yize elale ngehora leshumi nanye izolo ebusuku, ngehora lesithupha ubesevukile.

Ngehora lesikhombisa ubesegezile, esegqokile eselungele indlela. UZwelakhe ngabe ulale isikhathi esingakanani?

4

Kusele imizuzu eyi-15 kushaye ihora lesishiyagalombili, uZwelakhe nomama wakhe bese beya esitobhini sebhasi. Ibhasi elikhulu eliluhlaza sasibhakabhaka kumele lifike ngehora lesishiyagalombili. Umama kaZwelakhe abheke iwashi lakhe.

Sekudlule ngemizuzu eyishumi nanhlanu ehoreni lesishiyagalombili kodwa ibhasi alikafiki, lishiywe yisikhathi. "Yisimanga lesi, njalo nje, ibhasi liyasigcina isikhathi. Ingabe yini inkinga namhlanje?"

5

Ngokushesha, kwafika abanye abantu abane esitobhini. Nabo babheka amawashi abo bazibuza ukuthi kungani ibhasi lileythi, lingakafiki. "Yimihlola le!" kukhalaza impandla eyayifake isudi eluhlaza sasibhakabhaka. Nomunye wezwakala ekhononda, "Yihora lesishiyagalolunye manje! Ngileythi emsebenzini."

UZwelakhe nomama wakhe bona, base beme isikhathi eside ukubedlula bonke. KuZwelakhe yena, kwakungamahora namahora belindile. Kodwa-ke, akunjalo. Ngabe base belinde isikhathi esingakanani eqinisweni?

6

UZwelakhe usekhathazekile manje. "Mama, ngisazowuthola umfaniswano wami nje?" UZwelakhe usebala ukuthi ukuya nokubuya edolobheni ngebhasi kuzothatha cishe amahora amane. Ihora ukuya, amahora amabili ukuzulazula ezitolo bethenga, ihora elinye ukubuya ngebhasi.

"Mama, nginomdlalo nabangane bami ngehora lesibili. Ngethemba ibhasi lizofika masinyane ngale kwaloko ngeke sibuyele ekhaya ngesikhathi."

7

Bahlala balinda. Kodwa-ke uZwelakhe uyakhala manje. Ababili balaba bantu abekade bemi emgqeni, esitobhini, sebeyahamba baphindela emakhaya. Abanye badamane bebheka isikhathi emawashini abo.

"Masilinde. Ngiqinisekile ibhasi liyeza kungekudala!" kuchaza umama kaZwelakhe. "Mina ngifuna ukubuyela ekhaya manje, mama!" kukhalaza uZwelakhe. Masilinde eminye imizuzu eyishumi. Uma ibhasi lingafiki kuze kugamanxe ihora lesishiyagalolunye, singahamba siye ekhaya."

8

Khona manjalo bezwe umsindo webhasi omkhulu liduma liza ngomgwaqo. "Uyabonake, ngikutshelile. Yihora lesishiyagalolunye ezimpondweni," kuchaza umama kaZwelakhe. Aqhubeke athi, "Sizothenga masinyane. Uma ibhasi lisuke ngesikhathi edolobheni, sizofika kahle ngaphambi kokuthi umdlalo wakho webhola uqale."

UZwelakhe asule izinyembezi. Amehlo akhe avuleke manje. Kodwa izinyawo zakhe zona zibuhlungu. Ukhathele. Usefuna ibhasi lifike agibele.

9

Hhawu! Ibhasi abebelilindile akulona ibhasi elikhulu eliluhlaza sasibhakabhaka. Leli bhasi lincane, libomvu! Ngokushesha uZwelakhe abale amafasitela aqondene nabagibeli.Habe! Mane kuphela, bese eshilo, "Mama, leli bhasi lincane kunebhasi eliluhlaza sasibhakabhaka." Aqhubeke, "Ngeke benele bonke laba bantu abafuna ukuya edolobheni."

Ngabe uyavumelana noZwelakhe? Ungaqagela ukuthi ibhasi elincane elibomvu lingathatha abantu abangaki?

10

"Uyahlupha Zwelakhe, musa ukukhathazeka," umama wakhe emdlalisa. "Sonke njengoba silinde lapha kulesi sitobhi sizongena, sithole izihlalo."

"Masinyane, shesha! Masigibele sizothola izihlalo. Thina, kade simile, sifike kuqala kunabo bonke."

11

UZwelakhe nomama wakhe basho bagibela. Emva kwabo emgqeni, kunabantu abayisishiyagalolunye okumele nabo bagibele. "Ngabe sonke sizothola indawo yokuhlala?" kubuza uZwelakhe.

Manje useyabona ukuthi kunemigqa emine yezihlalo. Emgqeni ngamunye kunezihlalo ezimbili ohleni ngalunye, nezinye ezimbili kolunye uhla. Zingaki izihlalo sezizonke? Ngabe bonke abantu abasemgqeni bazothola izihlalo?

12

UZwelakhe nomama wakhe bangena bahlala ezihlalweni zokuqala ezaziphambili eduze nomnyango. Kwakunendawo eningi phambi kwabo futhi benokubona kahle ngaphandle.

UZwelakhe wabala abanye abantu abayisithupha ababesandakufika emgqeni. "Kusho ukuthi abagibeli sebeyishumi nesikhombisa sebebonke manje," ekhuluma yedwa. "Mama, bonke abantu bazokwenela," etshela umama wakhe. "Uyedwa kuphela umuntu ongenandawo, uzoma." Ngabe uZwelakhe ubale kahle?

13

Manje ibhasi seligcwele. Umshayeli uvala umnyango, ibhasi lasuka. Kunomsindo ngaphandle. UZwelakhe nabanye abagibeli babheke ngamafasitela ukuthi ngabe yini.

Naba abanye abantu bagijimela ibhasi, baningi. Bayamemeza, "Misani ibhasi! Misani bo! Nathi sifuna ukugibela!" Kwase kuleythi. UZwelakhe nomama wakhe babazwela laba bantu abasele, beshiywa ibhasi.

14

Umama kaZwelakhe wabuza umshayeli, "Yini ungezanga ngebhasi elikhulu eliluhlaza sasibhakabhaka?" Waphendula umshayeli, "Liphukile izolo. Bekufanele ngithole elinye, ngathola leli elincane."

"Manje abantu abasele ngemuva, nabanye abasendleleni, uzobenzenjani?" kuqhubeka umama kaZwelakhe ebuza. "Ungakhathazeki. Ngihlela ukuphindelela kabili namhlanje."

UZwelakhe ulalele njengoba bekhuluma. Ngaleso sikhathi kudlala izinombolo ekhanda lakhe, uyabala, ubala izitulo, ubala nesikhathi.

15

UZwelakhe aphinde abale izitulo. "Ngicabanga leli bhasi elincane lithwala abantu abangama-20, bayi-16 abahlalayo bese kuma abane." Esezicabangela, "He! Kazi ibhasi lizophindelela kangaki ukuthuthezela abagibeli abayi-100 ukuya edolobheni? Abangama-200 noma abayi-150 bona?" Ungenza lesi sibalo?

UZwelakhe ujabule! Ngokushesha uzothola umfaniswano wakhe! Ibhasi elincane elibomvu lizobathatha libaphindisele emuva ekhaya, naye afike ngesikhathi ukuze adlale ibhola nabangane bakhe.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Mzukwana ibhasi lifika emva kwesikhathi
Author - Mecelin Kakoro
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Mango Tree
Language - isiZulu
Level - Read aloud