Walanyulelwa nguThemba
Cornelius Gulere
Catherine Groenewald

UGobani kwakuyindoda ende ngokwedlulele. Izakhamuzi zazimbiza uGobani, uMdondoshiya Omnene, ngoba wayethule futhi emnene. Wayengafani nabanye oke wafunda ngabo kwezinye izindaba.

UGobani wayesebenza engadini yakhe. Wayegoba kanzima ukuthi asebenze kahle ngekhuba lakhe elifishane. Umhlane wakhe wawuzwa ubuhlungu.

1

UThemba wayengumakhelwane ka Gobani. Kwakumphatha kabi ukubona uGobani ezabalaza, esebenza kanzima ngaleli khuba lakhe elifishane, noma lapho egoba edinga ukungena emnyango wakhe!

UThemba wanquma ukusiza uGobani. Wakhuluma nezakhamuzi ezindala zendawo. Kodwa ngaphambi kokuba basize, babedinga ukwazi ukuthi kanti uGobani mude kangakanani.

2

UThemba wabuza uGobani, "Empeleni umude kangakanani?" uGobani waphendula elinganisela nje, "Ngicabanga ngicishe ngibe ngamamitha amabili nohhafu, (2,5 amamitha)." Khona lapho, wagibela embhedeni wakhe esazama ukuchaza, eqhubeka ethi, "Into engiyaziyo ukuthi umatrasi wami uwubude obuyimitha nohhafu, okungu 1,5. Uyabona ukuthi imilenze yami iyalenga idlula umatrasi cishe ngemitha elinye. Kusho ukuthi ngimude cishe amamitha amabili nohhafu."

Manje-ke uThemba usengatshela abadala endaweni ukuthi uGobani mude amamitha amabili nohhafu. Mude ngempela lo muntu!

3

UThemba wayenesu.

UThemba, uGobani kanye nesilwane sakhe esiwumngani inkukhu enguShosho, nabaya naye emakethe, behamba ngebhayisikili likaGobani elincane. UGobani kwakumele aphakamise izinyawo zakhe azibeke ngaphezu kwezishovo. UThemba yena wayesebhasikidini, esaba ukubheka indlela ngoba ibhayisikili laliloku liya ne nale.

4

Sebefikile endaweni la bevame ukuhlanganela khona, wehla uGobani ebhayisikilini lakhe, iqulu lezakhamuzi lase libazungezile. "Sawubona Mdondoshiya Omnene!" kusho induna yesigodi imamukela uGobani.

"UThemba usitshele ukuthi unezinkinga empilweni yakho, ngoba umude ngokwedlulele! Sifuna ukukusiza! Sizoqinisekisa ukuthi yonke impahla oyifunayo iyisilinganiso esiyiso kuwe! Izinkinga zakho zizophela. Linda nje uzobona wena."

5

Izakhamuzi zasebenza imini nobusuku ziqinisekisa ukuthi yonke impahla kaGobani iyisilinganiso esiyiso.

Bheka ikhuba lakhe elisha. Qhathanisa ubude baleli elisha naleliya elidala. Leli Elisha lide ukuphindwa kabili. Ucabanga lide kangakanani? Ngabe lingaphezu kwemitha? Noma lingaphansi kwamamitha amabili?

6

Okulandelayo, izakhamuzi zasiza ukwakhela uGobani ifremu yomnyango endanyana bamtholela nomyango omusha ukuze angene kahle endlini yakhe. Wawumude kancane kuno Gobani, ngakho-ke, kwakungasekho isidingo sokugoba lapho engena. Umnyango wawukahle manje.

Bhekisisa isithombe. UGobani ucishe abe ngu 2,5 wamamitha. Ucabanga ukuthi ifremu yomnyango wakhe yinde kangakanani?

7

Kwalandela umbhede omusha sha, nomatrasi. Wathola namashidi amade nezingubo zokulala ezinde ngokufanele ukuze umzimba kaGobani omude wanele kahle kusuka ekhanda kuya ezinzwaneni!

Ekugcineni wayelangazelela ukulala okunokuthula. Izinyawo zakhe zazingasezulenga ngale komatrasi. Bheka manje umzimba wakhe wenela kahle embhedeni futhi umbethe wonke umzimba. Kunanesikhala esisele ekugcineni!

8

Induna yesigodi yacela umuntu oshisela izinsimbi ukuba enzele uGobani ibhayisikili elikhulu. Lalinobhasikidi omkhulu ngokwanele, othokomele ukuze uThemba noShosho bakwazi ukuhlala kahle.

Isihlalo nezimpondo kanye nezitibhili zokushova zaziyisilinganiso esifanele, ziphakeme ngokwanele. UGobani wayengasezuhhudula imilenze yakhe phansi emgwaqweni noma ayiphakamisele phezu kwezimpondo, ukuze ingashayi phansi!

9

Okhaphendali bendawo bamenzela itafula elisha eliphakeme ukuze ahlale adle kahle. Imilenze kwakumele ibe ubude obulinganiselwa emitheni nohhafu, noma ku 1,5 wemitha.

Manje uma ehlala etafuleni, ezodla, izinyawo zakhe zithinta phansi kahle nje! UThemba uhlala eduze kwakhe esitulweni eside. Kumele acace eladini lika Gobani ukuze afinyelele esitulweni. Bala ukuthi ucaca imigqa emingaki ukuze alingane noGobani. Ucabanga ilada lide kangakanani?

10

Ikhuba lika Gobani elisha lenza kube lula ukuthi atshale avune izitshalo zakhe. Ingadi yakhe yaba nkulu, yaba yinhle! UGobani ubeka ubhasikidi ogcwele izithelo nemifino ngaphandle komnyango wakhe, ebekela izakhamuzi, ebonga usizo abamnike lona.

Konke loku kwaqala ngephupho lika Themba ezama ukuthi umngane wakhe uMdondoshiya Omnene abe nempilo engcono nelula.

11
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Walanyulelwa nguThemba
Author - Cornelius Gulere
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - Read aloud