Yimuphi umsebenzi obaluleke kakhulu?
Beatrice Inzikuru
Wiehan de Jager

Laba bantu abavumelani.

1

Uthisha uzwakala ethi, "Othisha babaluleke kakhulu, niyasidinga ukuze nifunde."

2

Umakhi yena athi, "Abakhi nabo babaluleke
kakhulu. Nidinga izindlu."

3

Umbazi naye athi, "Ababazi babaluleke kakhulu. Nidinga ifenisha."

4

"Odokotela babaluleke kakhulu. Nizolashwa ngubani?"

5

"Abalimi babaluke kakhulu. Nizokuthathaphi ukudla?"

6

Umfundi wezwakala ethi, "Nathi bafundi sibaluleke kakhulu."

7

"Nonke naba ngabafundi kuqala!" Ngakho-ke, bonke babukana, bavumelana.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Yimuphi umsebenzi obaluleke kakhulu?
Author - Beatrice Inzikuru
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First sentences