Ingulube eyayingafuni ukungena egoqweni
Thobile Gama
Marion Drew

Kwakusepulazini, elihlala izilwane.

1

Umlimi watshela ingulube ukuthi ayingene egoqweni.

Yathi ingulube, "Angifuni. Ngeke ngingene egoqweni."

2

Umlimi wathi, "Sitswebhu, shaya ingulube ngoba ingulube ayifuni ukungena egoqweni."

Sathi isitswebhu, "Angifuni."

3

Kwaqhamuka umlilo. Umlimi wathi, "Mlilo, shisa isitswebhu. Isitswebhu asifuni ukushaya ingulube. Ingulube ayifuni ukungena egoqweni."

Umlilo wathi, "Angifuni."

4

Wathi umlimi, "Manzi, cima lo mlilo ngoba umlilo awufuni ukushisa isitswebhu. Isitswebhu asifuni ukushaya ingulube. Ingulube ayifuni ukungena egoqweni."

Athi amanzi, "Angifuni."

5

Kwaqhamuka inkomo. Wathi umlimi, "Nkomo, phuza la manzi, ngoba awafuni ukucima umlilo. Umlilo awufuni ukushisa isitswebhu. Isitswebhu asifuni ukushaya ingulube. Ingulube ayifuni ukungena egoqweni."

6

Yathi inkomo, "Ngizowaphuza la manzi."

7

Athi amanzi, "Ungangiphuzi, ngizowucima umlilo."

8

Wathi umlilo, "Ungangicimi. Ngizosishisa isitswebhu."

9

Sathi isitswebhu, "Ungangishisi. Ngizoyishaya ingulube."

10

Yathi ingulube, "Ungab' usangishaya nami, ngoba sengiyangena egoqweni."

11

Ingulube yangena kanjalo egoqweni.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ingulube eyayingafuni ukungena egoqweni
Author - Thobile Gama
Illustration - Marion Drew
Language - isiZulu
Level - First paragraphs