Izinzawu
Mlungisi Madlala
Tawanda Mhandu

Umndeni wezinzawu kwakungumndeni othokozile.

Wawunamantombazane amabili ayesiza umama endlini, nabafana ababili ababephuma nobaba wabo bayozingela.

1

Ngesikhathi sesidlo santambama, babexoxa ngalokho abakwenzile ngalolo suku.

2

Ubaba wayevame ukuzexwayisa izingane ukuthi zingayi ehlathini, ngoba kunesilwane esingajwayelekile esihlala khona.

Sifana nabo bexhunywe imizimba ndawonye.

3

Ngelinye ilanga, amantombazane agijima azungeza isihlahla, abona isilwane esingajwayelekile.

Sasinamehlo amabili, amakhala amabili, izandla ezimbili neizingalo ezimbili.

4

Bethukile, bagijima bayotshela abafowabo.

Abafana abazange babakholwe. "Umbhedo wamantombazane nje lo!" kwasho bona abafana.

5

Base beya emfuleni ukuyobheka le nto.

6

Babheka, babheka. Ababekubona nje utshani, izihlahla nomfula.

Umsindo owazwakala esithubeni wabenza babheka phezulu.

7

Esihlahleni kwakulenga isilwane esinezinyawo ezimbili, imilenze emibili, izingalo ezimbili, izandla ezimbili.

Abakwazanga ukulinda ukubona ubuso baso.

8

Manje, kwase kuya umndeni wonke emfuleni. Isilwane sasibalindile.

9

"Ningangilimazi!" kwasho isilwane. "Ngifana nani nje."

Wayelokhu ejika ngohlangothi ukuze babone unyawo olulodwa, umlenze owodwa, isandla esisodwa, ingalo eyodwa, iso elilodwa.

10

Sathi isilwane, "Siyefana. Umehluko nje ukuthi ngenkathi nidalwa nina ibumba ukuthi lalilingene."

11

Zathola kanjalo-ke izinzawu ukuthi lesi yisilwane okungamele zisesabe.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Izinzawu
Author - Mlungisi Madlala, Ntombikayise Ngidi
Translation - Mlungisi Madlala, Ntombikayise Ngidi
Illustration - Tawanda Mhandu
Language - isiZulu
Level - First paragraphs