Umama upheka kamnandi
Zimbili Dlamini
Catherine Groenewald

UZama uvukile ulungiselela ukuya esikoleni.

1

Uyacabanga ukuthi ngubaba ozomphekela iphalishi.

2

Kazi uzobuya nini umama? Limnandi iphalishi likamama.

3

"Futhi linginikeza amandla engiwadingayo esikoleni," kusho uZama.

4

Iphalishi likababa selilungile.

5

Ubaba uthela ubisi ngothando.

6

"Alimnandi leli phalishi! Lidinga ushukela."

7

Uyacabanga futhi uZama, "Ukuba beliphekwe ngumama, ngabe limnandi."

8

"Baba, ngicela ushukela."

9

Ubaba uthela ushukela.

10

"Wu! Baba! Uthele usawoti!"

11

"Kodwa umama uzobuya nini?"

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umama upheka kamnandi
Author - Zimbili Dlamini, Hlengiwe Zondi
Adaptation - Pumla Mdontswa, Zanele Zuma
Illustration - Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - First words