Yehlukaniselanani ngobuqotho!
Penelope Smith
Magriet Brink

UMgqibelo ekuseni, ilanga libalele epulazini. UDudu, uZipho kanye noNeli basiza umama Kheswa kwisivande sakhe semifino.

Abantwana basebenza imini yonke. Bagubhela umanyolo enhlabathini. Bayahlakula futhi bayanisela. Babe sebevuna okuvuthiweyo nosekulungele ukuvunwa. Namhlanje enye nenye yalezi zingane izozithathela amajikijolo, imifino kanye nezaqathe uma sekuyiwa ekhaya.

1

Umama Kheswa uyazitenda njalo lezi zingane ngokumsiza kwazo. Kwesinye isikhathi kuba amakhekhe, ushokoledi noma ke azithengele amaswidi amade abukeka njengezinyoka. Kwesinye isikhathi kuba ama habhula, ama pheya noma ama orintshi.

Umama Kheswa unomthetho owodwa vo: "Yehlukaniselanani ngobuqotho." Izingane ziyazi ukuthi kufanele zehlukaniselane lezi zipho ngokulinganayo, ukuze zonke zithole okulingana nokomunye.

2

Namhlanje umama Kheswa ubhake ikhekhe eliyindilinga lamajikijolo elihlotshiswe ngoshukela obomvana wamakhekhe kanye nokusamajikijolo okuphuma engadini yakhe.

Izingane zilindele ukutendwa etshanini. "Thathani-ke!" umama Kheswa emoyizela. "Kodwa ningawukhohlwa umthetho, wonke umuntu kufanele athole okulinganayo. Nehlukaniselane ngobuqotho! Ningalwi!"

3

UZipho uyena othola ithuba lokuqala lokwaba ikhekhe. Usebenzisa ummese ukubeka imigqanyana emincanyana phezu kwekhekhe. Abanye bambukele.

Akalisiki ikhekhe okwamanje. Kudingeka ukuba abanye basho kuqala ukuthi bayavumelana nendlela asika ngayo futhi inobuqotho.

"Ngicabanga ukuthi ngizolisika kabili ukuya ezansi ngale ndlela. Manje ke sinezingcezu ezintathu, zonke ziyafana!" uZipho uyabakhombisa.

4

"Lutho!" kusho uDudu, "leli eliphakathi nendawo likhulu kakhulu!" No Neli naye unikina ikhanda.

UZipho uyahleka ephakamisa amahlombe, ube esecela ukuba uDudu azame.

5

Letha! Nginikeze ummese, ngizoyenza mina. Ilula kabi!" egida uDudu.

Uqala ngokuhlikihla umdwebo owenziwe wuZipho eshukeleni wekhekhe, usesuka lapho ukhotha iminwe.

6

Usesuka lapho usika kanye umugqa ogamanxayo nomunye owehlayo.

Niyabona, ngenze izingcezu ezintathu. "Ayinabuqotho-ke leyo!" kumemeza uZipho no Neli kanye kanye.

7

"Yehlukanisa ngobuqotho! Lezi zingcezu kufanele zilingane futhi zibumbeke ngokufanayo," kongeza uNeli.

"Yini ungazami wena Neli, qhalaqhala?" kubhuqa uDudu. "Ngiyafunga angeke ukwenze lokho."

8

"Ngifisa sengathi ngabe lelikhekhe beliyisikwele noma ungxande, bekuyobalula ukulisika," kusho uNeli ejulile ngomcabango.

"Noma mhlawumbe uma besibane sehlukaniselana lelikhekhe eliyindilinga bekuyobalula," kusho uZipho.

9

Khona lapho! Seza isithombe engqondweni kaNeli. Ubona isiliva elikhazimulayo lebheji engaphambi kwemoto enkulu ebomvu kayise.

Njalo ngamaSonto usiza uyise ukugeza imoto enkulu, futhi nokucwebezelisa ibheji. "Ngiyitholile! Ngiyitholile! Ngiyakwazi ukwenza lento!" kumemeza uNeli.

10

Uqala ngokusebenzisa ummese ukususa imigqa kaDudu kushukela wokubhaka.

Usesuka ebhala kancane imigqana emithathu ekhekheni. Ifana ncamashi nebheji esemotweni enkulu kayise, inezingcezu ezintathu ezilinganayo.

11

"Ugcwele izimanga Neli," kusho uDudu ngomusa. "Uyisebenze kanjani?" kubuza uZipho.

UNeli umoyizelela ngaphakathi. Okwamanje kuseyimfihlo yakhe. Uzokwazisa noyise emva kwesikhathi.

12

Khona lapho aphume endlini yakhe umama Kheswa. Uphethe ithileyi elinezingilazi ezintathu zesiphuzo esibandayo samajikijolo.

"Buka mama Kheswa! UNeli uyitholile indlela yokusika ikhekhe izingcezu ezintathu ezilinganayo," uZipho uyamtshela.

"Usebenzile Neli, izingcezu ezintathu ezilinganayo! Wehlukanise ngobuqotho. Ngiyaziqhenya ngani nonke. Manje ke sika ikhekhe, niphuze ijuzi yenu. Sekuyisikhathi sokuya ekhaya."

13

UZipho usika phezu kwemigqa kaNeli emithathu ukuze enze izingcezu ezintathu ezilinganayo.

Ngokuzijabulisa nje izingane zabeka izingcezu zazo zamakhekhe olunye phezu kolunye ukuze zibone ukuthi ziyalingana na.

Yebo ziyalingana!

14

Zidla ikhekhe lazo futhi ziphuza nejuzi.

Uyafika uyise kaNeli esezolanda izingane, uNeli uyasubatha ukuyomhlangabeza. Ujahe ukutshela uyise ngokuthi imsize kangakanani ibheji yemoto yakhe enkulu ukuxazulula inkinga ebidida ikhanda.

15

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Yehlukaniselanani ngobuqotho!
Author - Penelope Smith, Hamsa Venkatakrishnan
Translation - Lindiwe Tshabalala
Illustration - Magriet Brink, Leo Daly
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs