Usuku lukaHamisi lwenhlanhla
Adelheid Marie Bwire
Rob Owen

UHamisi udinga umfaniswano omusha wesikole. Ubaba wakhe umusa ezitolo.

1

UHamisi ubona umfana ogqoke ihembe elihle. "Laze lalihle leliya hembe," kucabanga uHamisi.

2

"Nami ngifisa ukuba nehembe elifana nelaloya mfana," kusho uHamisi.

3

"Bheka, uthengisa amahembe amahle," kusho uHamisi. "Baba, ngicela ungithengele lona," esho uHamisi.

4

"Hamisi, kufanele ngikuthengele umfaniswano," kusho ubaba wakhe.

5

"Anginayo imali eyanele yokuthenga leliya hembe," kusho ubaba wakhe.

6

Ubaba kaHamisi ukhokhela umfaniswano. Uyamangala lapho ebona kubuya ushintshi. Kusele imali eyanele ukuthi angathenga ihembe!

7

Waze wanenhlanhla uHamisi! Uzokhetha liphi ihembe?

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Usuku lukaHamisi lwenhlanhla
Author - Adelheid Marie Bwire
Translation - Pumla Mdontswa, Zanele Zuma
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - First sentences