Ukuphikisana ngemisebenzi eyahlukene
Beatrice Inzikuru
Wiehan de Jager

Esigodini esithile, kwabe kunokuphikisana kwabantu ngemisebezi eyahlukene. Wonke umuntu wayecabanga ukuthi umsebenzi wakhe ubalulekile.

1

Uthisha wathi uyena onomsebenzi obalulekile kunayo yonke. "Ngaphandle kathisha, asikho isikole, akukho nokufunda."

2

Umakhi wathi uyena onomsebenzi obaluleke kunayo yonke.   "Ngaphadle komakhi, ngeke sibekhona isikole sokufunda nezindlu zokulala."

3

Umbazi wathi uyena onomsebenzi obalulekile kunayo yonke. "Ngaphandle kombazi, ayikho impahla yasendlini nesikole."

4

Udokotela wazitshela ukuthi unomsebenzi obaluleke kunayo yonke.   "Ngaphandle kodokotela nabahlengikazi, ungagula ufe."

5

Umlimi wathi nguye onomsebenzi obalulekile kunayo yonke. "Ngaphandle kwabalimi, ngeke ubenakho ukudla ozokudla."

6

Umfundi waphikisa wathi abafundi yibo abanomsebenzi obaluleke kakhulu. "Ngaphandle kwabafundi, ngeke babekhona othisha, abakhi, odokotela, abalimi, noma ababazi."

7

Ekugcineni, bonke bavumelana ngokuthi yonke imisebenzi ibalulekile. Siyabadinga othisha, abakhi, odokotela, abalimi, nababazi. Kodwa wonke umuntu kufanele abe umfundi kuqala!

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ukuphikisana ngemisebenzi eyahlukene
Author - Beatrice Inzikuru
Translation - Umlazi Foundation Phase teachers
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs