Ungcede Inkosi Yezinyoni
South African Folktale
Wiehan de Jager

Emandulo izinyoni zaziphila zingenayo inkosi. Langa lithize zaba nomhlangano, lapho zazihlaziya ukuthi ngubani ongaba yinkosi ukuze nazo zibe nomholi njengabantu. Zazibuzana ukuthi pho ubani ongaba yinkosi?

1

"UKhozi uqinile unaso nesakhiwo sobukhosi." Kusho enye inyoni. "Cha ngeke uKhozi akanaso isicoco. Futhi uma ememeza akazwakali kahle.'' "Kungcono Intshe ngoba inkulu, uma ibhonga izwakala njenge bhubesi." Kusho enye inyoni. "Cha ngeke akakakwazi ukundiza, inkosi yezinyoni kumele ikwazi ukundiza.

2

"Mina ngingaba inkosi, '' kusho UPikoko edlalisa isisila sakhe. "Ngimuhle kabi'' "Kodwa uyaziqhenya, '' kusho uSikhova. "Mina nginamehlo amakhulu kunazo zonke izinyoni. Ngingaba yinkosi." "Cha ngeke ube yinkosi wena Sikhova angithi uyalala uma sekusa!" Zonke izinyoni zimphikisa."

3

Zathi zisaqhubeka nenkulumo, enye yezinyoni yeza nombono wokuthi okungcono akundizwe. Lowo oyondizela phezulu kakhulu nguye oyoba yinkosi yezinyoni. Zavumela phezulu zonke izinyoni, zabe sezindiza ziya phezulu esibhakabhakeni.

4

UHansi wandiza usuku olulodwa nje wandizela phezu kwezintaba eziphakeme zakuleyo ndawo. Kanti uKhozi wandizela phezu kwezintaba eziluhlaza izinsuku ezimbili. Kodwa uLinqe wandizela phezulu izinsuku ezintathu engami, eqonde nqgo eduze kwelanga. Esandizela phezulu uLinqe, kwezwakala ememeza ethi "Ngiphezulu ngiyinkosi! ''."

5

Khona manjalo phezu kwakhe wezwa izwi elincane, "Tshwi, tshwi, tshwi! Ngiphezulu ngiyinkosi."Kwabe kuyinyoni encane uNgcede. Phela wayecashe ngaphansi kwephikokazi likaLinqe ngesikhathi endizela phezulu esibhakabhakeni!

6

"Ngeke usangehlula," kusho uLinqe esho endizela phezulu futhi. Wandiza waze waphelelwa amandla. Waphinda wamemeza wathi "Ngiphezulu Ngiyinkosi yenu."

7

Kodwa ngaphansi kwephiko lakhe kwakusacashe uNgcede. Waphuma uNgcede, "Tshwi, tshwi! Tshwi, tshwi! Yimina inyoni encane, ngiyinkosi.'' Kodwa uLiqe wabe ekhathele ukuba wayesangandizela phezulu."

8

Wandizela phansi bandla kodwa uNgcede wayesacashe phansi kwephiko lakhe. Ezinye izinyoni zazimthukuthelele kabi uNgcede. Zazimlindele ukuthi mayefika nje zizomcutha zonke izinsibana zakhe.

9

Kodwa inyoni encane yakubona ukuthukuthela kwezinyoni. Ngokushesha yehla yangena emgodini ongenalutho wenyoka. Izinyoni zathi kuSikhova," Wena Skhova ngoba unamehlo amakhulu, qapha uNgcede umbambe uma ephuma.'' Ngempela uSikhova wahlala phambi komgodi waqapha."

10

Kodwa emini ilanga selifudumele uSikhova wafikelwa ubuthongo walala. Inyoni encane uNgcede walunguza wabona uSikhova elele, ngokushesha wanyenya wabaleka.

11

  USikhova waba namahloni ngakwenzile, ukudedela uNgcede. Kusukela ngalelolanga uSikhova waqala ukuzingela ebusuku, emini uyalala acashele ukubonwa ezinye izinyoni.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ungcede Inkosi Yezinyoni
Author - South African Folktale
Adaptation - Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs