UNkukhu noShongololo
Winny Asara
Magriet Brink

UNkukhu noShongololo babengabangani. Kodwa babehlala bencintisana. Ngelinye ilanga banquma ukudlala ibhola lezinyawo befuna ukubona ukuthi ubani owayengumpetha.

1

Baya enkundleni yebhola lezinyawo basebeqala umdlalo wabo. UNkukhu wayeshesha, kodwa uShongololo wayeshesha kakhulu. UNkukhu wayelikhahlela liye kude, kodwa elikaShongololo laliya kude kakhulu, uNkukhu waqala manje ukukhononda.

2

Banquma ukuba bakhahlele amaphenathi. Kwaqala uShongololo ukuba avimbe emagoli. UNkukhu wafaka igoli elilodwa kuphela. Emva kwalokho kwasekuba ithuba likaNkukhu ukuvika ukungena kwegoli.

3

UShongololo wakhahlela ibhola langena ezintini. UShongololo wapheceza ejika nebhola langena. UShongololo walishaya ngekhanda ibhola langena ezintini. UShongololo washaya amagoli amahlanu.

4

UNkukhu kwamthukuthelisa ukuthi uhluliwe. Wayengakubekezeleli ukuhlulwa. UShongololo wavele wamhleka ngoba umngane wakhe wayesexakanisekile.

5

UNkukhu wayesethukuthele kakhulu waze waligwinya ishongololo.

6

Kuthe uNkukhu eseya ekhaya,nwahlangana noMama Shongololo. UMama Shongololo wabuza, "Uke wayibona ingane yami?" UNkukhu akaphendulanga. UMama Shongololo wakhathazeka.

7

UMama Shongololo wezwa izwi elincane. "Ngelekelele Mama!" kukhala izwi. UMama Shongololo waqalaza walalelisisa, izwi laliqhamuka ngaphakathi enkukhwini.

8

UMama Shongololo wamemeza, "Sebenzisa amandla akho akhethekile mntanami!" Amashongololo akwazi ukukhipha iphunga elibi azenze anambitheke kabi. UNkukhu wazizwa efikelwa ukucanuzela kwenhliziyo.

9

UNkukhu wagonyuluka. Wabuye wagwinya wakhafula. Wathimula, wakhwehlela kaningi. Ishongololo lalinyanyeka!

10

UNkukhu wakhwehlela laze laphuma laqhasha ishongololo elalisesiswini sakhe. UMama Shongololo nengane yakhe banwabuzela bakhuphuka ngesihlahla bayocasha.

11

Kusukela ngalelo langa, izinkukhu namashongololo baba yizitha.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UNkukhu noShongololo
Author - Winny Asara
Translation - Margaret Nokuthula Zondi
Illustration - Magriet Brink
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs