Inkosi yezinyoni
South African Folktale
Wiehan de Jager

Kudaladala, izinyoni zazingenayo inkosi. Langa lithize zabamba umhlangano. Zazibhunga ngokuthi ngubani ongaba yinkosi ukuze nazo zibe nomholi njengabantu.

1

"Ukhozi lunamandla futhi lunesakhiwo sobukhosi." Kusho enye yezinyoni. "Cha ngeke, ukhozi alunalo ugedla, futhi uma lumemeza aluzwakali kahle." "Kungcono intshe ngoba inkulu, ibhonga kuzwakale." Kusho enye yezinyoni. "Cha ngeke! Ayikwazi ukundiza, inkosi yezinyoni kufanele ikwazi ukundiza."

2

"Mina, ngingaba yinkosi," kusho ipigogo lidlalisa isisila salo. "Ngimuhle kabi." "Hhayi suka uyaziqhenya," kusho isikhova. "Mina, nginamehlo amakhulu kunazo zonke izinyoni. Ngingaba yinkosi." "Cha, ngeke ube yinkosi wena sikhova, angithi ulala emini!" Zonke izinyoni zisiphikisa.

3

Zathi zisaqhubeka nenkulumo, enye yezinyoni yeza nombono wokuthi kungcono kundizwe. Sekuyothi lowo oyondizela phezulu kakhulu kube nguyena oyoba yinkosi yezinyoni. Zonke izinyoni zavumela phezulu.

4

Ihansi landizela phezu kwezintatshana nje. Kanti ukhozi lwandizela phezu kwezintaba eziphakeme. Inqe lona, landizela phezulu esibhakabhakeni.

5

Lisandizela phezulu inqe, kwezwakala limemeza lithi "Ngiphezulu, yimina inkosi!"

6

Khona manjalo, lezwa izwi elincane, "Tswi, tswi, tswi! Ngiphezulu kunani nonke, ngiyinkosi." Kwasho ungcede omhlophe. Phela, wayecashe ngaphansi kwephiko lenqe ngesikhathi lindizela phezulu esibhakabhakeni!

7

"Ngeke usangehlula," kusho inqe lindizela phezulu futhi. Landiza laze laphelelwa ngamandla. Laphinda lamemeza lathi, "Ngiphezulu ngiyinkosi yenu."

8

Ngaphansi kwephiko lwalo, nakhu okungungcede kuzishwathikile. Waphuma ungcede, "Tswi, tswi! Tswi, tswi! Yimina inkosi." Ngaleso sikhathi inqe lase likhathele kakhulu ukundizela phezulu.

9

Inqe landizela phansi kanti nongcede wayesacashe phansi kwephiko lalo. Ezinye izinyoni zazimthukuthelele kabi ungcede. Zazimlindele ukuthi uma efika nje zizomchutha zonke izimpaphe.

10

Inyoni encane yakubona ukuthukuthela kwezinye izinyoni. Ngokushesha yehla yathi tshobe emgodini.

11

Izinyoni zathi esikhoveni, "Wena sikhova, ngoba unamehlo amakhulu, qapha ungcede, umbambe uma ephuma." Ngempela isikhova sahlala phambi komgodi saqapha.

12

Emini ilanga selifudumele, isikhova safikelwa ubuthongo salala. Ungcede walunguza wabona isikhova silele. Waphuma wanyonyoba wabaleka.

13

Isikhova saba namahloni ngokwenzekile, ukudedela ungcede. Kusukela ngalelo langa isikhova saqala ukuzingela ebusuku. Emini siyalala sicashele ukubonwa ngezinye izinyoni.

14
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inkosi yezinyoni
Author - South African Folktale
Translation - Pumla Mdontswa, Zanele Zuma, Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs