Intombazanyana eyaba isicebi
Salaama Wanale
Mango Tree

Emandulo kwakukhona amantombazanyana amabili ayeyizintandane, uNana no Nanana.

Babehlala endaweni ewugwadule, engenazo izitshalo ukuthi badle. Babehamba ibanga elide uma beyofuna ukudla.

1

UNana wayethobile, futhi ewusizo.

Kodwa uNanana wayeziqhenya, engalaleli izeluleko. Wayengenandaba nabanye abantu.

2

Ngelinye ilanga bavuka ekuseni kungekho lutho abazoludla.

Kwakufanele badle, ngakho-ke baphuma bahamba ngezindlela ezahlukene ukuyofuna ukudla.

3

Kwakukhona isalukazi igama laso kungu Nobuntu. Lesi salukazi sasidume ngokubusisa abantu babe izigwili.

Kodwa uNobuntu wayenesifo sochoko. Umzimba wakhe wawugcwele izilonda.

4

Endleleni uNanana wahlangana naleso salukazi, sathi, "Kunjani mzukulu wami? Uvelaphi? Uya kuphi?"

5

Wayiphendula yonke imibuzo.

Isalukazi sathi, "Ngifukule ungihambise emzini wami. Ngizokutshela ukuthi ungenzeleni uma sesifikile." UNanana wakhombisa ukungahloniphi esalukazini.

6

Waphendula wathi, "Ngingamane ngife kunokuthi ngithinte lezilonda zakho ezinyanyekayo." Sazithulela isalukazi samfisela uhambo oluhle.

7

UNanana wahamba waze wafika endaweni esabekayo engajwayelekile. Kule ndawo kwakukhona amashongololo, izinyoka, amacimbi nazo zonke izilwanyana ongazicabanga.

UNanana wayesekhathele ngoba kwase kuyizinsuku eziningi engadli. Wathi ehlala phansi zamthelekela izilwanyana zamluma.

8

Kuyona leyo ndlela, uNana naye wahlangana naleso salukazi. Kodwa yena wajabula ukuhlangana noNobuntu ngoba kwakungumuntu wokuqala ukuhlangana naye ohambeni lwakhe olunzima.

Ngokunjalo isalukazi sambuza imibuzo efana nale esayibuza udadewabo uNanana.

9

UNana yena wavuma ukufukula uNobuntu amhambise kwakhe.

"Wenze lokho abaningi abahlulekayo ukukwenza," kusho isalukazi. Isalukazi samnika induku samtshela ukuthi akabuyele ekhaya. Uyofica kukhona zonke izinto azifisayo.

10

UNana wajabula kakhulu wabonga esalukazini, wagijima eqonde ekhaya.

Wafika kubo sekunezindlu ezinhle ezintsha ezinakho konke okuhle ongakucabanga, nokudla okuningi. Waphenduka isicebi endaweni.

11

Noma eseyisicebi akakhohlwanga udadewabo uNanana, wamkhumbula ngokuthi amzilele.

Wayecabanga ethi, "Uma ungalaleli izeluleko zabantu abadala, ugcina emlonyeni wengwenya."

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Intombazanyana eyaba isicebi
Author - Salaama Wanale
Translation - Zimbili Dlamini, Family Literacy Project
Illustration - Mango Tree
Language - isiZulu
Level - First paragraphs