Intombazane eyayikuthanda ukukhuluma
Gaspah Juma
Jesse Breytenbach

Kudala kwakukhona intombazanyana, igama layo kunguNomzamo. Wayekuthanda ukukhuluma.

Umama wakhe wayemxwayisa ngokukhuluma kakhulu. UNomzamo akamlalelanga umama wakhe.

1

UNomzamo unobabekazi ohlala kwesinye isigodi. Ngelinye ilanga ubabekazi wagula kakhulu.

2

Umama kaNomzamo wayematasatasa kakhulu ngalelo langa.

Kwase kuntambama kakhulu lapho ethuma uNomzano ukuthi ahambisele ubabekazi wakhe ukudla

3

Endleleni uNomzamo wahlangana noSgidi, impisi eyayizishintshe yaba ngumuntu.

4

USgidi wabuza, "Uphetheni?"

"Inyama, amaqanda nobisi," kuphendula uNomzamo.

Wayesekhohliwe. Umama wakhe wayemxwayisile ukuthi angatsheli muntu ukuthi uphetheni.

5

UNomzamo watshela uSgidi impisi ukuthi uhambisela ubabekazi wakhe ogulayo ukudla.

Impisi yaconsa amathe lapho izwa iphunga lenyama eyayiphethwe nguNomzamo.

6

Impisi yagijima ngejubane ijahe phambili kubabekazi wakhe.

7

Yacathama yangena endlini yafike yamgwinya ubabekazi.

Yathatha ingubo yakhe yokulala, yazemboza.

8

Wafika uNomzamo kuthule kuthe cwaka endlini.

Wangena ngaphakathi wamemeza ethi, "Babekazi ukuphi?"

9

Akatholanga mpendulo, waqhubeka wangena egumbini lakhe lokulala.

"Ngubani-ke lo ozemboze ngengubo enkulu kangaka?"

10

"Babekazi kungani unezindlebe ezinkulu kangaka?" kubuza uNomzamo.

USgidi impisi waphendula ngaphansi kwengubo wathi, "Zinkulu ukuze ngizwe kahle."

11

"Kungani amehlo akho emakhulu kangaka?"

USgidi waphendula wathi, "Ngifuna ukukubona kahle."

12

Ekugcineni uNomzamo wabuza wathi, "Hhayi-bo! Kungani umlomo wakho umkhulu kangaka namhlanje?"

USgidi waphendula wathi, "Ngifuna ukukugwinya kahle."

USgidi impisi wagxuma embhedeni, wabamba uNomzamo wamgwinya.

13

Ngenxa yokuthi uNomzamo wayekhuluma kakhulu, wakhuluma nasesiswini sempisi.

Wayebuza imibuzo eminingi.

14

USgidi yamkhathaza imibuzo eminingi kaNomzamo. Waze wanquma ukumhlanza amkhiphele ngaphandle.

15

UNomzamo nobabekazi wakhe basindiswa abantu bendawo.

Kusukela ngalelo langa uNomzamo akaphindanga wakhuluma kakhulu nabantu angabazi.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Intombazane eyayikuthanda ukukhuluma
Author - Gaspah Juma
Translation - Pumla Mdontswa, Zanele Zuma, Zimbili Dlamini
Illustration - Jesse Breytenbach
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs