Inkomo Enephondo Elilodwa
Sebongile Daniel
Marion Drew

Heeeee! Ekhaya kukhona inkomo enhle.

1

Ayinawo umsila, futhi inephondo elilodwa.

2

Ikhuluphele futhi inesisu esikhulu.

3

Inamandla kakhulu le nkomo.

4

Umelusi wayo uyithanda kakhulu le nkomo. Uyifundise ukuthi ilalele izwi lakhe lodwa.

5

Uma umhlambi uya emadlelweni uyodla, le nkomo idla yodwa.

6

Le nkomo iyakwazi ukulwa, yingakho ezinye izinkomo ziyiyeka iyodwa.

7

Abantu bayayazi le nkomo, futhi bayayisaba ngoba iyalwa ngalephondo layo elilodwa. Uma ungadibana nenkomo enje, ungenzani?

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inkomo Enephondo Elilodwa
Author - Sebongile Daniel, Mpho Ntlhanngoe, Khothatso Ranoosi
Translation - Nomathamsanqa Ngwenya
Illustration - Marion Drew
Language - isiZulu
Level - First sentences