Heeeee! Ekhaya kukhona inkomo enhle.
Ayinawo umsila, futhi inephondo elilodwa.
Ikhuluphele futhi inesisu esikhulu.
Inamandla kakhulu le nkomo.
Umelusi wayo uyithanda kakhulu le nkomo. Uyifundise ukuthi ilalele izwi lakhe lodwa.
Uma umhlambi uya emadlelweni uyodla, le nkomo idla yodwa.
Le nkomo iyakwazi ukulwa, yingakho ezinye izinkomo ziyiyeka iyodwa.
Abantu bayayazi le nkomo, futhi bayayisaba ngoba iyalwa ngalephondo layo elilodwa. Uma ungadibana nenkomo enje, ungenzani?