Heeeee! Kukhona inkomo enhle ekhaya.
Ayinawo umsila futhi inephondo elilodwa. Ibukeke iyinhle kakhulu.
Ikhuluphele, futhi inesisu esikhulu.
Inamandla kakhulu le nkomo.
Umelusi wayo uyithanda kakhulu le nkomo. Uyifundise ukuthi ilalele izwi lakhe lodwa.
Uma umhlambi uya emadlelweni uyodla, le nkomo idla yodwa.
Le nkomo iyakwazi ukulwa, yingakho ezinye izinkomo ziyiyeke iyodwa.
Abantu bayayazi le nkomo, futhi bayayisaba ngoba iyalwa ngalephondo layo elilodwa. Uma ungadibana nenkomo enje, ungenzani?