UKalabushe intombazanyana ekhuluma kakhulu
Gaspah Juma
Jesse Breytenbach

Emandulo kwakukhona intombazanyana, igama layo kunguKalabushe. UKalabushe wayeyintombanyana ekhuluma kakhulu. Umama wayo wayemxwayisile ngalokukhuluma kakhulu kwakhe. Kodwa uKalabushe akazange amlalele umama wakhe.

1

Ngelinye ilanga uKalabushe wagulelwa ngubabekazi wakhe owayehlala kwesinye isigodi esiseduze nabo.

2

Umama kaKalabushe wayematasatasa kakhulu ngalelo langa. Kwabe sekuyintambama lapho umama wakhe ethuma uKalabushe ukuthi ahambisele ubabekazi wakhe ogulayo ukudla.

3

Endleleni uKalabushe wahlangana no Sgidi impisi. Eyayizishintshe yaba umuntu.

4

Impisi yambuza ukuthi uphetheni. UKalabushe waphendula wathi, "Inyama, amaqanda nobisi." Yize umama wakhe wayemxwayisile ukuthi angatsheli muntu ukuthi uphetheni.

5

UKalabushe watshela impisi ukuthi uhambisela ubabekazi wakhe ogulayo ukudla. Impisi yaqala ukucabanga ngenyama eyayiphethwe uKalabushe.

6

Yagijima ngejubane elikhulu imshiya ngemuva iya kubabekazi wakhe.

7

Impisi yafika yamgwinya ubabekazi wakhe yabe isizemboza ngengubo yakhe yokulala.

8

Ngesikhathi uKalabushe efika kwakuthule cwaka endlini. Wangena ngaphakathi ememeza ethi, "Babekazi ukuphi?"

9

Uma engalizwa izwi lika babekazi wakhe wangena e egumbini lakhe lokulala. Wamangala uma ebona umuntu ozemboze ngenkulu ingubo le.

10

"Babekazi kungani unezindlebe ezinkulu kangaka?" kubuza uKalabushe. USgidi impisi yaphendula ngaphansi kwengubo wathi, "Khona ngizokuzwa kahle."

11

UKalabushe wabuza futhi kubabekazi wakhe wathi, "Kungani amehlo akho emakhulu kangaka?" uSgidi waphendula wathi, "Khona ngizokubona kahle."

12

Ekugcineni uKalabushe wabuza wathi, "Kungani unomlomo omkhulu kangaka namhlanje?" USgidi waphendula wathi, "Khona ngizogwinya kahle." USgidi impisi yagxuma embhedeni yamgwinya uKalabushe.

13

Ngenxa yokuthi uKalabushe wayekhuluma kakhulu, wakhuluma noma esesiswini sempisi uSgidi. Wayebuza imibuzo eminingi.

14

Ekugcineni uSgidi wayesekhathele imibuzo eminingi kaKalabushe wanquma ukumhlanzela ngaphandle.

15

UKalabushe nobabekazi wakhe basindiswa abantu bendawo. Kusukela ngalelo langa uKalabushe akaphindanga wakhuluma kakhulu nabantu angabazi.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UKalabushe intombazanyana ekhuluma kakhulu
Author - Gaspah Juma
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Jesse Breytenbach
Language - isiZulu
Level - First paragraphs