UNaka noNala bakhuluma ngomoya
Ndivhuho Mutsila
Simon Mokoena
UNaka noNala basemadlelweni omile, bahlezi ngaphansi kwesihlahla.
-
UNala uzwa ukuhwashaza kwamahlamvu ngesikhathi kuheleza umoya.
1
“Lalela Naka. Ngabe uyawezwa amahlamvu ehwashaza?” kubuza uNala.
-
“Yebo, ngiyawezwa futhi ngiyawabona enyakaza,” kuphendula uNaka.
2
“Uyakhumbula ukuthi yini enyakazisa amahlamvu?” kubuza uNaka.
-
“Umoya onamandla ophephetha izinto,″ kuphendula uNala.
-
“Ngicabanga ukuthi ngumoya,” kusho uNaka.
3
“Umoya usizungezile, kodwa asiwuboni,” kuqala uNala.
-
UNaka uyamenqaka, “Kodwa siyakwazi ukubona siphinde sizwe amahlamvu uma enyakaza!”
4
UNala uyaqhubeka, “Asikwazi ukubona umoya, kodwa siyakwazi ukubona nokuzwa umthelela womoya uma unyakaza. Lokho kubizwa ngamandla omoya.”
-
“Ngabe umoya onamandla usengumoya?” kubuza uNaka.
5
“Yebo,” kumoyizela uNala.
-
“Umoya uphinde ube namaconsi amanzi amancane emafini. Uyengeza.
-
Uma amanzi emafini esesinda kakhulu, awela phansi abe yimvula.”
6
“Cabanga sesikhuphukela phezulu esibhakabhakeni ngebhaluni lomoya oshisayo. Leli bhaluni lifana neconsi lamanzi, umoya ulibamba emoyeni,” kusho uNala.
7
“Siphinde siwuphefumule umoya,” kukhumbula uNaka.
-
“Yebo, zonke izilwane nezitshalo zidinga umoya ukuze ziphile,” kusho uNala.
-
“Sonke sidinga umoya ohlanzekile,” kuvuma uNaka.
8
“Asikwazi ukuwubona umoya kodwa wenziwe ngani?” kubuza uNaka.
-
“Umoya uxube amagesi athile nezinhlayiya ezincane zothuli,” kuphendula uNala.
9
“Umhlaba umbozwe ngumoya,” kusho uNala.
-
“Umoya uyasizungeza yonke indawo. Umoya womhlaba unwebeka usuka lapha uya emkhathini,” uvula izingalo zakhe.
10

Imibuzo


  1. Le ndaba imayelana nobani?
  2. Bakuphi?
  3. Ngubani odinga umoya ukuze aphile?
  4. Umoya wenziwe ngani?
  5. Ukuphi umoya?
  6. Kungani amaconsi emvula ewa?
  7. Bhala izinto ezinhlanu okusetshenziswa kuzo umoya.
  8. Xoxani nganoma yiziphi izimbangela ezinhlanu ezingcolisa komoya.
11
Your attribution should include the following:
Title: UNaka noNala bakhuluma ngomoya
Author/s: Ndivhuho Mutsila
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiNdebele

© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator