Please view the book
in landscape mode.
UNja noKati bangabangani
Yamkela Mbhele
Busisiwe Ndlovu
UNja noKati bangabangani abakhulu.
-
Bathatha isinqumo sokuvakashela umngani wabo uTshwele, ngosuku lwakhe lokuzalwa.
-
UTshwele wayehlala kwaBhekithunga. Kwakukude kulesi sigodi. Kwakuzobathatha izinsuku ezimbili ukuthi bafike khona.
1
UNja noKati babeziphatha ngezindlela ezahlukile.
-
UNja wayethanda ukudla nokulala futhi ethanda ukuganga ngezinye izikhathi.
-
UKati wayenomusa, enobubele futhi ethembekile.
-
Bahlangana emzini kaNja bahlela uhambo lwabo.
2
“Ngizophatha ukudla kosuku lokuqala,” kusho uNja.
-
“Ngizophatha okosuku lwesibili,” kusho uKati.
-
Babebhala yonke into phansi ukuze bangakhohlwa.
3
“Kuzobamnandi ukubona umngani wethu uTshwele maduzane.
-
Sekuyisikhathi eside sagcina ukumbona,” kusho uNja ephelekezela uKati esebuyela ekhaya lakhe.
-
“Ngiyabonga,” kusho uKati.
4
Ngosuku olulandelayo bahlangana ekuseni kakhulu ukuqala uhambo lwabo.
-
Endleleni babehamba becula, bedansa bejabulile.
-
Emva kwesikhathi eside behamba baphumula ngaphansi kwesihlahla esikhulu. “Sengilambile, masidle,” kusho uKati.
5
UNja washesha waphaka ukudla wakuphakela ezitsheni ezimbili. Ukudla kwakugcwele amafutha namanzi.
-
“Ngabe yikho ukudla okuphathele thina sobabili lokhu?”
-
UNja wathukuthela ngoba umngani wakhe wayengaphathanga ukudla ababevumelene ngakho. Wayengakudli ukudla okudliwa uNja.
6
“Ulindeni?” kubuza uNja. Wayenethemba lokuthi uKati uzoyeka ukukhononda, adle.
-
Ngokucasuka, uKati wabuza, ″Kungani uphethe ukudla okuthandwa nguwe kuphela?”
-
UNja wayedla ephanga kangangokuthi isitsha saze saphunyuka. Konke ukudla kwakhe kwachithekela phansi.
7
“Ungakhathazeki mngani wami,” kusho uKati.
-
UKati wakhipha amasamishi akhe amahle. Wase eqala ukudla.
-
UNja wabuka uKati ngamehlo ancengayo.
-
Lapho uKati eqeda ukudla, waqoqa wase ethi kuNja, “Singaqhubeka nohambo lwethu?”
8
Abazange bakhulumisane indlela yonke. Isisu sikaNja sasikhala yindlala.
-
Ngalobo busuku, uKati waziphakela yedwa. Walala ejabulile ngokuthi wayephethe ukudla okwanele.
-
UNja walala elambile.
9
Ekuseni, uKati waziphakela kancane isidlo sasekuseni. UNja wayelokhu ebuka ukudla kukaKati.
-
UKati wanikeza uNja ukudla.
-
UNja wathi, “Ngicela ungixolele, ngibe nomhobholo.”
-
UKati waphendula wathi, “Masidle sobabili.”
-
Bahlala phansi badla.
10
Bathi sebeqhubeka nohambo lwabo, base bengabangani futhi.
-
Bafika emzini kaTshwele ngesikhathi.
-
“Belunjani uhambo lwenu bangani bami?” kubuza uTshwele.
-
UKati noNja bamoyizelelana bathi, “Beluluhle kakhulu.”
11
Umcimbi wosuku lokuzalwa lukaTshwele waba mnandi kakhulu.
-
Badla, bacula futhi badansa.
12
Your attribution should include the following:
Title
: UNja noKati bangabangani
Author/s
: Yamkela Mbhele
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Busisiwe Ndlovu
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator