Umama u-Sophie, iqhawekazi lethu
Thandiwe Dlodlo
Simon Mokoena
Kwakulusuku olushisa kakhulu, likhiphe umkhovu etsheni. UKhosi wayehla enyuka engayazi into angayenza, kwazise wayesele yedwa ekhaya.
-
Umama wakhe wayevuke waphuthuma emasimini, washiya uKhosi ekhaya.
-
“Ngingasichitha ngani isizungu esingaka, njengoba nelanga lishisa kangaka?” kucabanga uKhosi.
1
Masinyane uKhosi wafikelwa umcabango.
-
“Umfula! Ngizoyobhukuda emfuleni. Pho ngizohamba nobani njengoba umama ethe ngingalokothi ngihambe ngedwa?” kucabanga uKhosi.
-
Kulowo mzuzwana kwadlula umama u-Sophie ethwele izimpahla eya emfuleni.
2
“Ehene! Ngizolandela umama u-Sophie, ngiye naye emfuleni,” kusho uKhosi ekhuluma yedwa.
-
Washo ngejubane emva kukamama u-Sophie, “Ngicela ukuya nawe emfuleni,” kuncenga uKhosi. Umama u-Sophie wanqekuzisa ikhanda emoyizela.
-
Kwathi besahamba babona uNozipho ebalandela. UNozipho wayengakuthandi ukubhukuda kodwa wayethanda ukubukela abangani bakhe bebhukuda.
3
“Namhlanje ngizobhukuda esizibeni esijulile, habe! Angiseyona ingane mina, ngifuna ukubamangalisa bonke,” kusho uKhosi.
-
Wagxumela esizibeni ngokushesha, watshuza waya phansi, waya phezulu. Waphinde washona phansi ezabalaza ukukhipha ikhanda ngaphezu kwamanzi.
-
Kwenzeka konke lokhu uNozipho ubhekile umi osebeni lomfula.
4
Kwabonakala sengathi wonke umuntu osesizibeni uyakuthokozela ukubhukuda, kwazise lalibalele nasebukhweni bezinja.
-
Kwakunomsindo omkhulu esizibeni engekho olalele omunye.
-
Babememezana bethokozile impela.
5
Esame lapho uNozipho ebukela wabona ukubhukuda angakwejwayele.
-
Wabona uKhosi esekude nezinye izingane ezansi nomfula.
-
Wasondela ebhekisisa lesi simanga. Wethuka, wagijima waya kwabesifazane ababehlanza izingubo emfuleni.
-
“Sizani! Yelekelelani bo!” Nangu uNozipho eminza!
6
Ngokuphazima kweso umama u-Sophie waziphonsa esizibeni.
-
Wagwinja, wavumbuka, waphinda wagwinja waze wayofinyelela kuKhosi.
-
Wafika wamuthi thasi! Ngengalo wambeka emhlane.
-
Waphuma naye esembelethe.
7
Wahamba eshesha wedlula iqembu lezingane nabesifazane ababekhala isililo bekhalela uKhosi. Wahamba njalo waze wayofika emtholampilo.
-
UNozipho wayelokhu emlandele njalo umama u-Sophie owayebelethe umngani wakhe
8
Emthalampilo bahlangatshezwa ngumhlengikazi UNoxolo owabaphuthuma ngosizo.
-
Abanye abahlengikazi baphuthuma besizana nomhlengikazi uNoxolo ekuhlengeni impilo kaKhosi.
-
“Uphephile, sinenhlanhla ngoba akazange abe semanzini isikhathi eside.”
9
Umama u-Sophie wadonsa umoya kakhulu a njengomuntu obekade ethuke kakhulu kodwa osenethemba.
-
Bonke abebekhona emtholampilo bamncoma ngesibindi sakhe.
-
“Ngiyabonga ukuthola ithuba lokuba ngisindise impilo,” esho ngokuzithoba.
10
Indaba yafika masinyane enkundleni yesigodi. Induna yathumela ukuthi kubizwe umama u-Sophie.
-
Induna yalalela ngesineke umama u-Sophie eyilandisa ngokufunda kwakhe ukuhlamba waze waba yinhlambi evelele.
-
“Ngisenyintomazanyana umngani wami wayehlala ngaphesheya komfula. Umfula lo wawuyingxenye yempilo yethu. Sasihlangana khona sikhe amanzi, sihlanze izimpahla futhi sibhukude,” umama u-Sophie utshela induna.
11
Induna yakhipha isinqumo sokuklomelisa umama u-Sophie ngesenzo sakhe sobuqhawe.
-
Abesifazana balilizela, abesilisa bashaya amakhwela, izingane nazo zamemeza ngentokozo.
-
Kusukela ngalolo suku izingane zazithanda ukulandela umama u-Sophie lapho eya khona.
-
Wawuzwa zicula, “Angesabi lutho, uma nginomama u-Sophie, iqhawekazi lethu!”
12
Your attribution should include the following:
Title: Umama u-Sophie, iqhawekazi lethu
Author/s: Thandiwe Dlodlo
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025 (Updated Edition)

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator