Imbuzi, inja nenkomo
Fabian Wakholi
Marleen Visser

Imbuzi, inja nenkomo babengabangane abakhulu.

Ngelinye ilanga bathatha uhambo ngetekisi.

1

Sebefike ekugcineni kohambo lwabo, umshayeli wacela ukuthi bakhokhe imali yetekisi.

Inkomo yakhokha eyayo.

2

Inja yakhokha imali ethe xaxa, ngoba kade ingenayo imali eyanele.

3

Wathi umshayeli esalungisela ukunika inja ushintshi, imbuzi yabaleka ngaphandle kokukhokha ngisho nesenti.

4

Umshayeli wacasuka kakhulu.

Washaya wachitha ngaphandle kokunika inja ushintshi wayo.

5

Yingakho kuze kube namhlanje, inja igijimela ngaphambi kwemoto ilunguze ngaphakathi ukuze ithole umshayeli oyikweleta ushintshi wayo.

6

Imbuzi iyabaleka uma izwa umsindo wemoto.

Isaba ukuthi izoboshwa ngoba ingazange ikhokhele itekisi.

7

Inkomo ayinandaba umangabe kuza imoto.

Inkomo ithatha isikhathi sayo uma inqamula umgwaqo ngoba iyazi ukuthi yayikhokha yonke imali okwakufanele iyikhokhe.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Imbuzi, inja nenkomo
Author - Fabian Wakholi
Translation - Jabulile Motha
Illustration - Marleen Visser
Language - isiZulu
Level - First paragraphs