Inja encane
Val Morris
Heslia Schon

Ngolunye usuku inja encane yayidlala ibhola.

1

Yabona ikati. Yathi, "Sawubona kati elincane. Ngingadlala nawe?"

Ikati elincane lathi, "Ngingadlala nawe. Ngingadlala nawe ibhola lakho?"

2

"Yebo," kusho inja encane.

"Yibhola elibomvu leli. Ngizokhahlelela kuwe bese wena ulishaye libuyele kimi."

3

Khona manjalo abangane ababili baqala badlala ibhola.

Inja encane yathi, "Ngiyathanda ukudlala nawe. Kumnandi. Ungumngane omuhle."

4

Ibhola elikhulu elibomvu laphonseka ngale kodonga.

Ikati elincane laqala ukukhala.

"Asisenalo ibhola esizodlala ngalo."

5

"Ngiyathanda ukudlala ibhola elikhulu elibomvu," kusho ikati elincane.

Ikati elincane laqala lakhala, lakhala futhi.

6

"Ngizolilanda ibhola," kusho inja encane, yeqela ngale kodonga.

7

Ngokushesha yabe isibuye nalo ibhola.

Ikati elincane lajabulela ukuthi ibhola selibuyile.

Abangane ababili badlala, badlala.

8

Inja encane yathi, "Woza endlini yami sizobuka incwadi yezithombe."

Encwadini yezithombe, babona inja encane idlala ibhola nekati elincane!

9
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inja encane
Author - Val Morris
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Heslia Schon
Language - isiZulu
Level - First sentences