

Ngenkathi ngineminyaka emihlanu, umalume wangipha isipho esithokozisayo. Kwakungu mdlwane onezinyanga ezintathu ubudala! Ngelanga umalume efika nomdlwane ngajabula kakhulu. Ngangazi ukuthi senginomngane.
Emva kokuba ewubeka phansi umalume waphendukela kimi wathi, "Iliphi igama ongamupha lona?" Ngawubheka lomdlwane ngase ngithi, "Khokho." Umalume wangimangaza wabuza wathi, "Kungani uthi uKhokho?" Ngaphendula ngathi "Yingoba ufana nokhokho."
Ngambuza umalume ukuthi ngabe uKhokho uzalwa yedwa yini. Umalume waphendula wathi ukhona omunye umdlwane ofana ncamashi noKhokho. Ngasuka ngahamba ngayobheka umfowabo kaKhokho.
Ngenkathi uKhokho ebona umfowabo waye wajabula kakhulu. Bobabili bahlanganisa amakhanda kwangathi bayakhuluma.
Ngambuza umalume ukuthi ngingabagcina bobabili yini uKhokho kanye nomfowabo. "Kulungile," kusho umalume. "Kodwa kuzomele ubanakekele." Njalo kusihlwa, ngangidlala nabo ngibuye ngiyobajimisa.
Emva kwezinyanga ezimbalwa uKhokho nomfowabo base bekhulile, beqinile futhi benempilo. Base bekhulile ukuthi ngingakwazi ukubanakekela ngingedwa.
Ngacela umalume ukuba aphindisele umfowabo Khokho emuva. Kodwa uKhokho waphatheka kabi ngesikhathi esesele yedwa. Kwase kungathi uyangibuza ukuthi, "Ukwenzelani lokhu?"
Wayeka ukudlala. Kwesinye isikhathi wayenqaba ukuhamba nami. Kwezinye izikhathi adle kancane. Ngase ngiphatheke kabi. Ngazibuza ukuthi, "Konje ngingenza njani ukusiza uKhokho?"
Ngelinye ilanga umalume wasivakashela. Ngesikhathi ngizwa izwi lakhe ngaphuma ngokushesha endlini. Ngingakamboni nje ngezwa izinja ezikhonkothayo.
Ngemuva kwekhishi, babedlala ngenkulu intokozo uKhokho nomfowabo!
Ngendlela engase ngijabule ngayo, angazanga ukuthi ubani okwakumele ngimamukele kuqala, phakathi kuka mfowabo Khokho no malume. Ngangazi ukuthi uKhokho usezobuyela esimweni sakhe sakudala njengoba umfowabo esebuyile. Sase sizophinda sigijime futhi!

