UZula yimfene edangele. Umama wakhe umxoshile ekhaya.
Yingakho uZula edangele. Ngalokho akazukuwudla ubhanana wakhe.
UZula ukhathele. Akazukuzidla izithelo zakhe.
UZula uwe emthini ngesikhathi elele. Washaya phansi. Bhaxa!
Nhlangothi zonke eduze kukaZula amahlathi ayanyakaza. UZula akana namandla okubaleka noma okugibela emthini.
UZula wethuka kakhulu! Kodwa bekuyi-apula liwa lisuka emthini.
UZula walidla i-apula. Wabe esesuka egijima, wagijima waze wangabe esakwazi.
Akazanga ukuthi ugijima nje uyakuphi. Inye nje into ebeyazi, ukuthi kufanele agijime.
Ekugcineni wafika ebaleni lapho ayengaphumula khona. Wabe esedla izithelo eziningi ukuze athole amandla.
UZula wabe esenamandla ngokudla izithelo eziningi. Waqala ukujayiva.
UZula waqala ukwenza umbungazo ejayivela zonke izilwane. Ngaphambili nangemuva kombungazo ubenokudla izithelo ukuthola amandla.
Loko kwamenza umjayivi wodumo.