

——
Ngenxa yokugula kwakhe, kwadingeka odokotela banqume umlenze wakhe owodwa ngezansi kwedolo. Emva kwalokho wasebenzisa umlenze wokufakelwa.
Umama wakhe wamusa esikoleni sabafundi abakhubazekile i-Helen Franz Special Needs School esifundazweni saseLimpopo.
Omunye wothisha bakhe wamkhetha ukuba ayomela isikole emidlaweni yethenisi eyayidlalelwa eGoli.
UKgothatso wadlala kahle kakhulu kule midlalo. Lokhu kwaba ukuqala kwendlela yakhe eyamfikisa ekubeni umdlali wethenisi owaziwayo emhlabeni wonke kulabo abahamba ngezinqola ezinamasondo.
UKgothatso waqala ukudlala emiqhudelwaneni yethenisi yabahamba ngezinqola ezinamasondo emhlabeni wonke.
Ngonyaka wezi-2013 no wezi-2014, uKgothatso wadlala emiqhudelwaneni yethenisi e-Australia, e-France nase-Melika.
UKgothatso waphinde wadlala emidlalweni yabakhubazekile eyaziwa nge-Paralympic Games, nokuyimidlalo yama-Olimpiki yabadlali abakhubazekile.
UKgothatso wayesebenza kanzima ezifundweni zakhe. Wafunda enyuvesi yaseVenda wathola iziqu zeSayensi yemiDlalo nokuNgcebeleka (Recreation and Sports Science).
Indawo yase-Wimbledon eNgilandi yilapho kudlalelwa khona njalo ngonyaka, umqhudelwano wethenisi owaziwayo nomdala kunayo yonke.
UKgothatso kwakumele ahambe aye eNgilandi ayodlala emqhudelwaneni wase-Wimbledon.
Umqhudelwano wase-Wimbledon kwakungumqhudelano we-Grand Slam wesine uKgothatso adlala kuwo ngonyaka wezi-2018.
UKgothatso ungumdlali ovelele eNingizimu Afrika nase Afrika kulabo abahamba ngezinqola ezinamasondo. Ungomunye wabadlali bethenisi abahlanu abaphambili emhlabeni wonke jikelele.
——Imibuzo
——


