

U-Leo wakha isithuthuthu somkhathi ngebhokisini ayelitholile, wasihlobisa ngobucwebe yonke indawo.
Egqoke ingubo yakhe yasemkhathi elungele nobumnandi wabala , "10,9,8,7,6,5,4,3,2,1 PHUMA NGAMANDLA!"
Ngokukhulu ukushesha uLeo wayefikile emkhathini. Izinkanyezi zikhanya yonke indawo.
UMercury wabingelela okuyiplanethi encane ejikeleza ngokushesha. "Ngibambe uma ukwazi" kuhleka uMercury.
Kwafika uVenus egqoke igolide , ehleka ngenjabulo.
"Ungasondeli!" ememeza njalo. "Ngingeyona nje planethi eshisayo kunazo zonke!"
Kwalandela uMhlaba omuhle, oluhlaza noluhlaza okwesibhakabhaka.
Wathi, "Khumbula ukungikekela Leo, njengoba nami ngikunakekela."
UMars obomvu owayelungele ukudlala, ehleka nesihleko esikhanya okwelanga. "Ufuna ukubona izinyanga zami ezimbili?"
ULeo emangele, "Izinyanga ezimbili? Cha ngizobuye ngizivakashele!"
UJupiter omkhulu wafika ejikeleza ngesivunguvungu esikhulu.
"Ngiyiplanethi enkulu kunazo zonke emhlabeni wethu wezinyanga!"
USaturn othandekayo wafika ejikeleza ngomdanso,nezindandatho zakhe ezigcwebezelayo.
ULeo eshaya izandla. "Ngiyawathanda ama-hula hoops akho! Bheka ukuthi akhanya kanjani!"
Uranus ozelayo wangena ngecala.
"Ngithanda ukucambalala" esho ezela. "Ngikwenza nsuku zonke lokhu."
ULeo ehleka umngane wakhe omusha. "Kangaka pho!?"
UNeptune oluhlaza okwesibhakabhaka owaye kude le, washaya ikhwela kwaphuma emoya. "Ngibanda kakhulu kubantu"
ULeo eqhaqhazela. "Hhawu, kuyiqiniso!"
Amaplanethi aculela uLeo ngenjabulo enkulu.
"Syajikeleza, siyadansa, sikhanya kakhulu! Singamaplanethi, ubusuku nemini!"
Imisebenzi
1.Gijima okwesithuthuthu sasemkhathini.
2.Gxuma uthinte isibhakabhaka.
3.Cambalala okwa Uranus.
4.Lingisa uMhlaba bese uyawupenda.
5.Lingisa uSaturn bese upenda izindandatho zakhe.
6.Bala kusuka ku-1 kuye ku-10. Bese bala uphindela emuva usuka ku-10 kuye ku-1.

