UBobby uyawa
Salome Ledwaba
Martin Letsoalo

Lena inja yami. Igama layo uBobby.

Uyinja yokuzingela.

1

UBobby uyakuthanda ukuzingela izilwane ezincane.

Uyakuthanda futhi nokudlala esikhotheni.

2

Ngomunye uMgqibelo, uBobby waphuma yedwa wayozingela.

Wabona unogwaja etsheni.

Kwavele kwaconsa amathe kuBobby.

3

Unogwaja wabona ukuthi uBobby umbhekile.

Unogwaja wabaleka ngejubane elikhulu.

4

UBobby wamgijimisa unogwaja.

Wayezibona esemudla unogwaja.

Akawubonanga umgodi omkhulu ngaphambili.

5

UBobby wawela emgodini ojulile.

Unogwaja wagijima wazungeza umgodi waqhubeka ebaleka.

6

Ngenhlanhla, abafana ababili bezwa uBobby ekhonkotha, "Wuuf! Wuuf! wuuf!"

Bagijima baya emgodini omkhulu ukuze bamsize.

7

"Uyasinda kakhulu!" kubalisa abafana!

Kodwa bakwazi ukumkhipha uBobby emgodini.

Wayeyinja ejabule kakhulu!

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UBobby uyawa
Author - Salome Ledwaba
Translation - Sifiso Khoza
Illustration - Martin Letsoalo
Language - isiZulu
Level - First paragraphs