Qo, qo! Kunokungqongqoza okukhulu emnyango ongaphambili.
U-Alake ujabule kakhulu. "Ubani loyo?" ebuza. "Mama, sinesivakashi!"
"Kulungile," kuphendula umama wakhe. "Kufanele ukuthi lowo uNksz Hassan. Ngicela umvulele umnyango."
U-Alake uvula umnyango emoyizela. "Siyakwamukela ma, ngicela ungene. Umama uyeza khona manje." UNksz Hassan umamathekela u-Alake.
"Ngingakutholela okuphuzwayo?" Kubuza u-Alake. "Ngiyabonga, sthandwa sami Alake, ungakhathazeki," kuphendula uNksz Hassan.
"Sawubona, Nksz Hassan," kusho umama ka-Alake. "Uxolo ngokukulindisa." "Akunankinga mngani wami, u-Alake unginakekelile."
Umama ka-Alake uyamamatheka. "Yebo, u-Alake ungumnakekeli wezivakashi omncane omuhle kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngaye," esho kuNksz Hassan.