

Kwakukhona umfana igama lakhe kwakungu-Abel. U-Abel wazakhela inqola ngamapulangwe.
U-Abel wayengenaye umuntu owayezoshayela inqola yakhe entsha.
Wabe esethi kudadewabo uMeri, "Ngidinga umshayeli wenqola yami. Ngicela unginike lonodoli wakho. Uzokwazi ukuhlala enqoleni ayishayele."
Wenqaba uMeri wathi, "Cha, angifuni nonodoli wami."
Wathukuthela wagana unwabu u-Abel ngesikhathi uMeri enqaba nonodoli wakhe. Wahlwitha unodoli wamdonsa ngengalo.
UMeri naye wadonsa enye ingalo. Babangisana ngonodoli bemdonsa ngapha nangapha yaze yahlusuka enye ingalo!
Wakhala uMeri wagijima waya kumama wakhe.
"Awubheke Mama," kusho uMeri, "U-Abel usehlusule ingalo kanodoli wami. Ubemdonsa ngoba efuna ashayele inqola yakhe kodwa mina bengingafuni ngoba bengidlala naye."
Umama wathi, "Akaziphathanga neze kahle u-Abel."
Umama wacabanga isu ayengamfundisa ngalo umfana wakhe ukuthi angawathinti amathoyizi kadadewabo.
Walithola isu.
Waya kumngane wakhe owayengudokotela wafike wathi, "Ngicela usizo lwakho."
Waphendula udokotela wathi, "Ngingakusiza ngani mngani wami?"
Umama waphendula wathi, "Indodana yami u-Abel ayiziphathi neze kahle kulezi nsuku. Uhlusule ingalo kanodoli kadadewabo. Akufanele neze akwenze lokho.
Kusasa ngizomtshela ukuthi alethe unodoli kuwena njengodokotela ukuze umfakele enye ingalo."
"Ngicela umtshele akukhokhele izindleko zikadokotela uma usuyifakile enye ingalo. Akanayo imali, ngakho-ke, kufanele umtshele ageze le moto yakho enkulu endala ehlale ingcolile," kusho umama.
Umngane wakhe wahleka wathi, "Ye--bo! Kuzwakala kulungile lokho."
Umama ka-Abel waphindela ekhaya. Wafike wabuza u-Abel, "Konje uma ugula noma ulimele uyaye uyephi?"
U-Abel waphendula wathi, "Uma ngigula noma ngilimele, kufanele ngiye kudokotela."
Umama wathi, "Umlimazile unodoli manje kufanele umuse kudokotela."
U-Abel wamthatha unodoli wamusa kudokotela.
"Lo nodoli ulimele kakhulu dokotela. Umama uthe angimlethe kuwe. Ungakwazi ukumfakela ingalo entsha?"
Udokotela wavuma ukusiza unodoli. Wakwazi ukumfakela ingalo entsha.
Udokotela wathi ku-Abel, "Unodoli sengimfakele ingalo entsha. Ngakho-ke, kufanele ungikhokhele. Unamalini?"
U-Abel waphendula, "Awu dokotela, anginamali. Ngeke ngikwazi ukukukhokhela."
Waqhubeka udokotela wathi, "Hhayi-ke! Awunamali? Imoto yami enkulu ingcole kabi! Geza imoto yami! Lokho kuzoba yindlela ongikhokhela ngayo."
U-Abel wathatha ibhakede lamanzi nendwangu ehlanzekile. Kwamthatha isikhathi eside ukugeza imoto eyayingcole kanjeya.
U-Abel wabe esethatha unodoli wawuphindisela kuMeri.
UMeri wajabula kakhulu wathi, "Abel, ungubhuti oqotho kakhulu. Ngiyabonga ngokulungisa unodoli wami."
"Dadewethu, ngiyaxolisa ngokuthukuthela bese ngikwenza ukhathazeke," kusho u-Abel.
Kusukela ngalelo langa, u-Abel akaphindanga wathatha izinto zikadadewabo futhi wazama ukuthi angaphinde amthukuthelele.
Wayekhumbula ukuthi kwamthatha isikhathi eside kangakanani ukugeza imoto enkulu kadokotela engcolile.
Wathatha isinqumo sokuthi kwakungeyona into enhle ukuthukuthela bese ulimaza izinto.

