

Lapha sibona uNita elenga ebheke phansi. Izinwele zakhe ezinde zithinta phansi.
Izihlahla, utshani nakho konke ukubona kubheke phansi.
Izinyawo zakhe zibheke phezulu esibhakabhakeni.
Nangu uNavi ezihambela edlula.
Uthi, "Ngake ngakubona lapha phambilini. Usuphinde wazilengisa wabheka phansi futhi! Kungani wenze lokhu?"
Izinyawo zikaNavi zindiza emoyeni.
UNita uzama ukucasha emva kwezinwele zakhe.
"A-ku-khu-lu-me-ki," kusho uNita kuNavi.
"Angisafani nakuqala. Angisafani nabanye abantu."
UNavi umbamba ngesandla. Ufuna ukumsiza ukuthi aqonde kahle konke.
Bakhwela phezulu esihlahleni uNavi akhwela kuso uma efuna ukubona konke okwenzekayo.
Uma sebelapha phezulu, babona izinto eziningi.
Sebephezulu, bathula babuka izingane zidlala lapha nalaphaya.
Leziya zingane azifani neze.
U-Abe ukhuluphele.
UChi unamachashaza ebusweni.
ULala mude kakhulu.
UBambam uqine kakhulu futhi ukhululekile.
ULulu yena uzithulele uyafunda.
Bheka izinwele zikaFreya ezimadlodlombiya.
USid yena uhlale egqoke izibuko yonke indawo.
Mina, ngizizacele ngimathambo.
Wena unguwena. Akuwena wedwa ongafani nabanye abantu.
Yilowo nalowo muntu unokwakhe yedwa okungajwayelekile. Lokho kwenza sifane.
Lo mhlaba ufana nomdlalo omkhulu. Ukuze sikwazi ukudlala, akufanele sifane.
UNita wazizwa esebuyele esimweni sakhe esejwayelekile. Sibonga umngane wakhe omusha azitholele yena.
Ukubheka phansi bekungeyona into emnandi.
Manje usedlala nabo bonke abanye.


