UTamara ungena esikoleni
Soila Murianka
Jacob Kono

UTamara kwakuyintombazane eneminyaka emihlanu eyayihlala nomndeni wayo.

Babehlala endaweni eyayiseduze nehlathi elalinezilwane zasendle.

1

UTamara wayebahlonipha kakhulu abazali bakhe.

Wayelusa izimvu nezimbuzi.

2

Wayethanda ukulalela izinyoni zicula ngesikhathi elusile.

Kwakuthi uma izinyoni zicula, azifakele awakhe amagama emculweni wezinyoni.

3

UTamara wayesemncane ukuthi angene esikoleni.

Abazali bakhe babevumela izingane zabo ezindala kuphela, uNashipae noTasieku, ukuthi baye esikoleni.

Isikole sasikude ngamakhilomitha ayi-10 ukusuka ekhaya.

4

Uma beya esikoleni oNashipae noTasieku, babehamba nezinye izingane zasendaweni ekuseni baze babuye kusihlwa.

Babephatha umphako ngezitsha ezincane.

5

UTamara wabuza umama wakhe, "Ngiyoya nini mina esikoleni?"

"Uzoya maduze nje mntanami," kuphendula umama.

6

Ngelinye ilanga, kwafika imoto ihamba inkosi yendawo nabesifazane ababili.

Inkosi yendawo yayiqinisekisa ukuthi izingane zendawo zingena esikoleni ngesikhathi esifanele.

7

Abantu babekholelwa ukuthi uma ingane isikwazi ukwelula isandla seqe ikhanda size sithinte indlebe, isuke isikulungele ukungena esikoleni.

8

"Uneminyaka emingaki?" kubuza inkosi.

"Ngineminyaka emihlanu," kuphendula uTamara.

"Ake sibone ukuthi usungangena yini esikoleni," kusho inkosi.

9

Omunye wabesifazane wathatha isandla sikaTamara ngesinono waseqisa ikhanda lakhe.

UTamara wakwazi ukuthinta indlebe.

10

UTamara wayezoya esikoleni esahlukile kuleso okwakufunda kuso uNashipae noTasieku.

Esakhe isikole sasisisha futhi siseduze nasekhaya.

11

Wajabula kakhulu uTamara.

"Nami ngizokwazi ukufunda nokubhala njengoNashipae noTasieku," ecabanga uTamara.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UTamara ungena esikoleni
Author - Soila Murianka
Translation - Zanele Ndlovu, Zanele Zuma
Illustration - Jacob Kono
Language - isiZulu
Level - First paragraphs