ULanga, uNyanga, uMvula noMoya bayaxoxa
Khothatso Ranoosi
Children of Paleng

Kudala, uLanga, uNyanga, uMvula kanye noMoya babelwa.

1

Inkinga kwakungukuthi uLanga wayefuna ukukhanyisa usuku lonke.

UNyanga naye wayefuna ukuhlale ekhanyise ukukhanya kwakhe zonke izinsuku.

UMvula wayefuna ukuna zonke izinsuku, kanti uMoya naye, wayefuna ukuvunguza zonke izinsuku.

Babengafuni ukunikezana ithuba.

2

Bathatha isinqumo sokuthi bahlangane baxoxe ngalokhu.

ULanga wabuza uNyanga, "Yini oyenzayo ukuba wusizo emhlabeni?"

UNyanga waphendula wathi, "Ngiyakhanyisa ebusuku ukuze izilwane zikwazi ukuzingela."

3

UNyanga wabuza uMvula, "Ngabe yini oyenzayo Mvula, ukuze ube wusizo emhlabeni?"

Waphendula uMvula wathi, "Nginikeza umhlaba amanzi ukuze izihlahla nezitshalo zikhule kahle.

Ngiphinde nginikeze nezilwane amanzi okuphuza."

4

UMvula wabuza uMoya, "Awusho, ngabe yini oyenzayo ukuba wusizo emhlabeni?"

UMoya waphendula wathi, "Ngiyawushanela umhlaba uhlanzeke. Ngiphephetha nemvula ukuze inethe emhlabeni wonke."

5

UMoya wabuza uLanga, "Wena Langa, wenzani ukuba wusizo emhlabeni?"

ULanga waphendula wathi, "Nginikeza umhlaba ukukhanya nokufudumala, ukuze izilwane nezitshalo zikwazi ukuphila."

6

ULanga, uNyanga, uMvula noMoya balalelana kahle.

7

Wabe esethi uLanga, "Kuyiqiniso ukuthi yilowo nalowo kithina unosizo olubalulekile alunikeza umhlaba."

"Kunjalo," kusho uNyanga, "Akekho namunye kithina ongcono kunabanye."

"Sinokusebenzisana," kusho uMvula. UMoya wathi, "Manje asabelane izinsuku." Bavumelana bonke.

8

Yingakho-nje ngesinye isikhathi ubona inyanga noma ilanga libalele.

Kwesinye isikhathi uzwa kuphephetha umoya uma linetha.

ULanga, uNyanga, uMvula noMoya bayakwazi ukusebenzisana kahle. Omunye nomunye uyakuqonda ukusebenza komunye.

9

Ngabe wena uthanda ilanga, inyanga, imvula noma umoya?

Dweba lokho okuthanda kakhulu.

10

Siyawudinga umhlaba ukuze sikwazi ukuphila. Usinikeza ukudla nezindawo zokuhlala, kanjalo nezilwane nezitshalo.

Konke lokhu kuyasisiza ngendlela ethile.

Kanjalo nathi sonke, singenza okuthile ukusiza umhlaba wethu.

Wena yini onokukwenza ukusiza umhlaba? Kubhale phansi.

11
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
ULanga, uNyanga, uMvula noMoya bayaxoxa
Author - Khothatso Ranoosi
Translation - Zanele Ndlovu, Zanele Zuma
Illustration - Children of Paleng
Language - isiZulu
Level - Read aloud