

Ngelinye ilanga, umama wathenga izinhlobonhlobo zezithelo.
"Sizozidla nini izithelo?" sabuza umama.
"Sizozidla kusihlwa," ephendula.
Umfowethu uRahim uyigovu.
Wadla zonke izinhlobo zezithelo. Wazidla kakhulu.
"Awubheke ukuthi uRahim wenzeni!" kumemeza umnewethu.
"URahim ugangile futhi uzicabangela yena," kusho mina.
Umama wayemthukuthelele uRahim.
Nathi sasimthukuthelele.
Kodwa yena wayengabukeki ezisola.
"Ngabe uzomjezisa uRahim?" kubuza umnewethu.
"Wena Rahim, uzozisola maduze nje," kuxwayisa umama.
URahim waqala wangazizwa kahle.
"Isisu sami sibuhlungu," kuhlebeza uRahim.
Umama wayazi ukuthi kungani uRahim wayegula.
"Izithelo ziyamjezisa uRahim," kucabanga umama.
Emuva kwesikhathi, uRahim waxolisa kithina.
"Ngeke ngiphinde ngenze ubugovu obunje," wathembisa.
Sakholwa yilokho ayekusho.

