Imibuzo eyayibuzwa nguKariza
Zanele Ndlovu and Zanele Zuma
Rob Owen

UKariza wayethanda ukubuza imibuzo. Lo mkhuba wawufunda kubazali bakhe.

Babehlale bethi kuye, "Uma ungazifundisi ukubuza njengoba usemncane, uyokhula ube ngumuntu omdala ongazi lutho!"

1

Ngelinye ilanga uKariza wabuza uthisha wakhe, "Kungani abazali bethu behlale bethi asigeze izandla ngaphambi kokuthi sidle, noma ngabe izandla zethu zibukeka zihlanzekile?"

Abantwana ayefunda nabo bawuthanda lo mbuzo wakhe. Babengafuni ukulokhu betshelwa ukuthi abageze izandla!

2

Uthisha waphendula, "Muhle lowo mbuzo! Nakuba izandla zethu zibukeka zihlanzekile, kodwa, zingaba namagciwane."

Wachaza, "Amagciwane abanga izifo. Ngeke sikwazi ukubona amagciwane ngamehlo ethu, sidinga okuthile okunamandla okungenza sikwazi ukuwabona."

3

Uthisha wathatha isibonakhulu ekhabetheni. "Isibonakhulu umshini esiwusebenzisa ukubona izinto ezincane esingeke sikwazi ukuzibona ngamehlo ethu," echaza.

Uthisha wabe esethatha futhi ephala isandla sikaKariza ngesinono esulela lokhu akuphalayo engilazini yesibonakhulu.

4

Uthisha wabeka ingilazi kusibonakhulu. Ngesikhathi bebuka ngesibonakhulu babona lokhu.

Nakuba izandla zikaKariza zazingabonakali zingcolile, kodwa zazinamagciwane!

5

"Amagciwane ahlale ekhona esizungezile futhi akhona nasezintweni esizithintayo ekilasini, ezinkundleni esidlalela kuzona noma emakhaya ethu.

La magciwane angabangela ukuthi sigule kakhulu," kuxwayisa uthisha.

6

Waqhubeka wathi, "Ukubulala la magciwane, kufanele sigeze izandla zethu ngamanzi ahlanzekile nensipho, ikakhulukazi ngaphambi kokuthi sidle.

Ngokunjalo, uma sigula kufanele sigeze izandla zethu ukuze zingawafafazi amagciwane asezandleni."

7

Ngesikhathi efika ekhaya, uKariza wafica ubaba wakhe exakekile akha into engajwayelekile.

"Yini lena oyakhayo baba?" wabuza.

"Lokhu kubizwa ngokuthi i 'kandagirukarabe' (khupuka ugeze)," kusho ubaba. "Isetshenziswa ukugeza izandla."

8

Wamangala uKariza wathi, "Uqinisile! Uthisha wethu usitshelile ngalo mshini. Kodwa abaningi bebengawazi. Usebenza kanjani?"

Ubaba wahleka wathi, "Sondela ngikukhombise ndodakazi yami."

9

"Okokuqala, nyathela lolu khuni olubekwe phansi," kusho ubaba.

10

"Uma usuwenze njalo, isigubhu samanzi sizotsheka bese sithela amanzi ezandleni zakho.

Khumbula ukugeza izandla ngensipho," watshela uKariza.

11

UKariza wajabula wathi, "Bengizokwazi kanjani lokhu ngaphandle kokubuza imibuzo?

Kuyiqiniso ukuthi ukubuza imibuzo kukuholela ekutheni uthole ulwazi."

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Imibuzo eyayibuzwa nguKariza
Author - Zanele Ndlovu and Zanele Zuma
Translation - Fanuel Ndayishimiye
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs