

Ngelinye ilanga emuva kwemvula enkulu eyanetha,
u-Imani wabuka phezulu esibhakabhakeni. Wabona imibala okokuqala ngqa.
Kwaze kwakuhle,ecabanga. Kungenzeka ukuba kukhona umuntu owasebenza kanzima, ependa isibhakabhaka ngebhulashi njengobaba ependa izindlu.
Wagijima eya kudadewabo wathi,Zarah buka! Kukhona umuntu osipendele isibhakabhaka saba sihle."
Kodwa uZarah wathi,"Akunjalo, Ubuwula lobo. Umncane mina ngimdala. Ngiyasazi isibhakabhaka. Ima ngikubonise."
UZarah wathatha u-Imani baya esiqiwini. "Uthingo lwenkosazane aluveli ngoba amawundlu ebhonga kokuqala noma ngoba kuzalwa kuzalwa izindlovu." kusho uZarah.
Wathatha u-Imani wamuyisa ensimini yezimbali wathi, "Imibala ayiveli ngoba amabhungezi ephelelwa imibala emafini."
Wakhombisa u-Imani incwadi. "Lemibala ayiveli ngoba obhejane begijima enkundleni besabise imibala esibhakabhakeni," kusho uZarah.
"Ngiyazi kungani uthingo lwenkosazane luvela. Umama wangitshela, manje sengiyakutshela."
UZarah wabamba isandla sika-Imani baye enkundleni yezemidlalo.
"Uthingo lwenkosazane luyavela esibhakabhakeni ngenxa yabantwana abafana nawe nami. Ngolunye usuku, imibala yabheka phansi futhi yakujabulela eyakubona."
"Yabona izingane ezinebala elikhanyayo,ezinebala elinsundu nakho konke okwakukhona. Yacabanga, "Kunganjani uma kungahlala kukuhle kanje."
" Yahlangana ndawonye esibhakabhakeni futhi baxoxa ngalokho osekufanele bakwenze. Bavumelana, "Uma sifuna ukuba bahle kumele sivele kanyekanye sonke njengeqembu."
"Yahlangana ndawonye futhi yacwebezela ngokugqamile. Yayinethemba lokuthi izoba mihle njengabantwana eyayibabona, abanguwe nami."

